Izindaba

KUSAZOSHUBA KOTSOTSI KUBUYA UXOLANI WE SIZOK’THOLA

ANGEKE bakuthole ukuphumula abantu abasembonini yokudayisa izidakamizwa njengoba uXolani Khumalo obethula uhlelo iSizok’thola kwiMoja Love esezokwethula olusha oluthi Operation Sylza Tsotsi. Lolu hlelo luzogxila ekuphazamiseni abantu abadayisa izidakamizwa, ukuthola abazidlayo kanye nokubasiza ukuthi baphume kuzona.

Ngokusho kokhulumela uXolani, uBokani Moyo uthe inhloso yalolu hlelo ukuqwashisa abantu ngobungozi bokuzihlanganisa nezidakamizwa. “Isiqephu sokuqala sohlelo sizobe sikhuluma nomunye osengene kakhulu kwizidakamizwa futhi esezimkhahlameze kakhulu. Kuzophinde kukhulunywe nomndeni wakhe, ukuzwa ngezinselelo ababhekene nazo ngenxa yakhe nokuthi uyitholaphi imali yokuthenga izidakamizwa.

“Uma usuwenziwe umsebenzi wokukhuluma nomuntu futhi waxolisa kwabahlukumezile esabishe kwizidakamizwa, uXolani uzomthatha amyise esikhungweni i-Tranquility home Rehabilitilation Clinic e-Midrand. Uma sekuqediwe ngaleso sigaba isiteshi i-StarSat sizohlinzeka ngoqeqesho kulabo aselungisiwe, babuyela kahle esimeni sempilo ukuthi bedayise imikhiqizo yabo bephinde befake izindishi zabo”, kusho uMoyo.

Uthe labo abazokwazi ukuqeda isikhathi sokuhlolelwa ukuwenza kahle umsebenzi bazobe sebeqashwa ngokugcwele njengabasebenzi ababhekele ukudayiswa kwemikhiqizo yakwa-StarSat.

UKhumalo uzobe esebenzisana namakoti ezokuphepha emiphakathini, kanjalo namaphoyisa ngenhloso yokuthola izidleke zezidakamizwa. Uthe laba abazobanjwa uXolani nethimba lakhe bazoyiswa emaphoyiseni ukuze besuke bephele emgwaqeni. Ngokusho kukaMoyo uhlelo luzovula amehlo abantu abangabunakile ubungozi nenkinga edalwa ukusabalala kwezidakamizwa kubantu bakuleli.

“Abantu abayaziyo inkinga yokuhlukunyezwa ukudayiswa nokusetshenziswa kwezidakamizwa bazoluqonda kangcono uhlelo i-Operation Sylza Tsotsi futhi bazokwamukela ukuvezwa obala kwalengqinamba okungakhulunywa ngayo. Ngisho nalaba abanganaki nje sdalo bazokuthokozela ukubona kuqondwa ngqo ‘omagqozomane’ balemboni okungabesilisa nabesifazane abadayisela abantwana bethu izidakamizwa”, kusho yena.

Lolu hlelo oluzokwenziwa uXolani luzoqala ukubonakala ngomhlaka-7 Mandulo ngehora lesishiyagalombili (20:00) ebusuku.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo methuli wezinhlelo uke wabhekana notavatava ngesikhathi elaxazwa abeMoja Love emuva kokuba kubulawe umuntu obesolwa ngokudayisa izidakamizwa kuqoshwa uhlelo iSizok’thola ngoNtulikazi ngonyaka odlule.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.