KUBI UKWESABA, KUSIVIMBELA AMATHUBA AMANINGI EMPILWENI
KHONA le ngoma eculwa amakholwa ethi “Ngingumhambi Nkosi. Oh, Baba unamandla. Mina anginawo … Susa ukwesaba kimi. Zungikhaphe sengiwela. Iba ngumncendi wami. Yebo …”
Ngithanda le sahluko esithi “..Susa ukwesaba kimi”
Sengathi singawanika impilo lamagama masiwasho ngoba okuningi esingakutholi empilweni kubangelwa yikho ukwesaba. Ukwesaba kuyisitha esikhulu somuntu. Ukwesaba kuyisitha esikhulu sempumelelo yomuntu.
Ukusaba kuhlupha ngoba uke usabe ngisho into ongayazi nawe. Usabe lapho ongakaze ufike khona, usabe lapho ungakaze usho lutho, uze usabe ngisho umuntu ezithulele. Kuyinkinga ukusaba.
Namuhla sengathi kungaba ilowo nalowo acele kuNkulunkulu ngomkhuleko wakhe ukuba amephuce ukwesaba, ngoba kumise izinto eziningi ezimpilweni zethu.
Sesaba ukuvula iminyango evaliwe ngoba asazi sokwamukelwa kanjani abangaphakathi. Sesaba ukusho lokhu esikuzwayo ngoba asazi kuyokwamukelwa kanjani esikhuluma nabo. Sesaba ukuhambela phezulu nxa sithokozile ngoba asazi bayothini abasibukayo. Siququdwa zinkinga zempilo, siyesaba ukubikela abangasisiza ngoba siyesaba ukuthi bayosizwa nokusizwa yini.
Susa Nkosi, susa ukwesaba.
Yikho lokhu kwesaba okwabangela omunye ukuba angaphumeleli inhlolakhono nokunye ayekuzama empilweni, ikhona okwabangela omunye ukuba angagani/angaganwa, ikhona okwenza wangakhuluma ngosizo aludingayo yize wayesosizini, ikhona Nkosi ukwesaba okwenza walahlekelwa izinto zakhe ngoba esaba labo abamphuca zona. Sephuce ukwesaba Nkosi, usiphe isibindi owasipha u-Daniel waseBhayibhelini, esemi yedwa kodwa walimela iqiniso.
Kuningi okusilahlekele nesingakutholanga ngenxa yokwesaba.
Zasedlula izinto zethu ngenxa yokwesaba. Asenzanga nokwakufanele ukuba sikwenze ngenxa yokwesaba, siyobuyela emhlabathini singenzanga lutho ngenxa yokwesaba. Oh, susa ukwesaba kithi Thixo omuhle, ususe nalaba abesabayo eduze kwethu. Masingakakwa ukwesaba ezimpilweni zethu.
Lapho usumbuza Nkosi umuntu wakho ukuthi akakwenzanga ngani ukuthi nokuthi aphendule athi “Angazi Nkosi, ngesaba” uyokothoziswa yini?
Nokho sithola amandla nesibindi ekwazini ukuthi wawuvele ungasinikanga umoya wobugwala. “Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala‚ kepha owamandla‚ nowothando‚ nowokuzikhuza”, 2 Thimothewu 1:7 – IBhayibheli Elingcwele.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]