UGWETSHWE IMINYAKA ENGAMA-20 NGOKUBUBALA ISOKA ELALIYIPHOYISA
NguSandile Khumalo
UGWETSHWE iminyaka engamashumi amabili (20) etholoza esitokisini uNks. Bongiwe Magwaza (23) ngokubulala uMnu. Kgopotso Ntsana owayeyisoka lakhe. UNtsana (34) owayeyiphoyisa washona ngemuva kokugwazwa aphinde adutshulwe nguye uMagwaza ngemuva kwengxabano ababa nayo endaweni abebehlalisana kuyo eWindmill Park estate, eGoli.
UMagwaza obevele phambi kwenkantolo ephakeme yaseGoli uphinde wagixabezwa ngeminye iminyaka eyisikhombisa (7) ngokutholakala nesibhamu ngokungekho emthethweni. Inkantolo iphinde yamnikeza eminye futhi iminyaka eyisihlanu (5) ngokutholakala nezinhlamvu ngokungekho emthethweni kanye neminye eyisi-7 ngokuzama ukugqiba ubufakazi. Le minyaka uzoyidonsa ngokuhambisana nale engama-20 ayigwetshiwe.
Kulesi sigameko esenzeka mhla zi-2 kuZibandlela 2022, uMagwaza waqamba amanga wabika ukuthi umufi wayezibulele. Lokhu kwaphikisana nophenyo olwenziwa amaphoyisa kwaphinde kwashayisana nobufakazi obethulwa ngufakazi enkantolo. Ngokuhamba kwesikhathi walivuma icala wabe esethi wambulala uNtsana ngoba ezama ukuzivikela kuye.
Ngesikhathi ethula ubufakazi, uMagwaza uvumile ukuthi wamgwaza umufi kodwa wakuphika ukuthi waphinde wamdubula. Ukugcizelelile ukuthi umufi wazibulala futhi akwazi ukusebenzisa isibhamu. Uphinde wathi uyokuvuma ukuthi wambulala uma kutholakala ukuthi imbangela yokufa kukaNtsana kwaba ukugwazwa. Inkantolo ibuchithile ubufakazi bakhe yama ekutheni wamdubula umufi.