U-KEAGAN DOLLY UPHIKA EYOKUHOLA R1M KU-CHIEFS
I-KAIZER Chiefs ikhethe ukungayivuseleli inkontileka yasikhwishikhwishi somdlali waphambili u-Keagan Dolly ongasenaqembu sikhuluma nje. I-Chiefs ithathe lesinqumo ngenxa yokuthi u-Dolly uhlaselwe ishobolo lokulimala nge-season edlule okudale ukuthi adlale imidlalo emincane kakhulu uma kuhlanganiswa yonke imincintiswano, nokuyinto engakaze yenzeke selokhu aqala ukudlala ibhola.
Lo mdlali okuke kwabikwa ukuthi uhola imali engi-R1 million ngenyanga ku-Chiefs uyakuphika lokho njengoba ethi izinombolo azishiwo abantu ngemali ayiholayo azihlangani.
“Ngingathi abantu bebezisolela nje ngemali engiyihola ku-Chiefs, nokuthi kwenzakalani kimi njengoba bengingakwazi ukudlala imidlalo eminingi ngenxa yokulimala”, kusho u-Dolly.
“Bekuyinkulumo nje yabalandeli bethi, ‘buka iqembu limkhokhela malini kodwa akadlali’. Bengizama ukuzinaki izinkundla zokuxhumana ngoba zonke lezinkulumo beziqhamuka lapho futhi zingikhathaza.
“Bengizama ukulungisa lokho kukhuluma lapha nalaphaya ngoba ngangazi ukuthi akusiyo imali engiyiholayo leyo. Inkinga ngeke ngilawule yonke into eshiwo abantu ngami nokuthi bayisho kanjani.
“Ngizamile okungangamandla ami kodwa ekugcineni kosuku ihaba lezinkundla lokuvele kuvezwe izinto ezingekho lisifikise la”, kusho yena.
Nokho lomdlali usaqhubeka nokufuna iqembu azolidlalela emuva kokuphoxwa i-Supersport United esehlolwe ngisho udokotela wayo isimo sakhe sempilo.
“Ngikulungele ukudlala, noma sekuyisikhathi eside ngagcina njengoba bese ngingadlali. Okwamanje ngisazama ukuthola iqembu engizolidlalela, ngihalela ukudlala ibhola futhi ukuze ngibuyele esimeni esikahle. Nginethemba lokuthi ishobolo lokulimala lizodlula.
“Ku-Supersport ngenza konke, ngahlolwa nawodokotela kodwa konke nekuncike ekutheni iqembu nomqeqeshi walo lifuna baphi abadlali abangakwazi ukudlala nabo”, kusho yena.