Izindaba

KUTHUKE ABANINGI KUVELA UMYENI ONGAZIWA WOMLINGISI OSHONILE

KUSHAQISE abantu ukuvela kwe-video yendoda yase-America ezibize ngomyeni womlingisi, u-Connie Chiume obekunenkonzo yokumkhumbula e-Oasis of Life Family Church e-Daveyton, Ekurhuleni ngoLwesine. Kule-video le ndoda ethi yayishade naye u-Connie ibidlulisa amazwi ayo okukhathazeka ngokushiwa isithandwa sayo.

Ngokusho kwayo le ndoda igama layo ingu-David Joseph, ishade no-Chiume e-Louisisana e-United States (US) ngomhlaka-26 Ncwaba 2021.

Umndeni kankosikazi wayo awuyivumelanga ukuthi ibe ingxenye yazo zonke izinhlelo zokulungiselelwa ukufihlwa komkayo oshone eseneminyaka engamashumi ayisikhombisa nambili (72) esibhedlela i-Garden City eGoli.

Kule-video u-Joseph okumanje uhlala e-Donaldsonville e-Louisiana uthe inhloso yakhe ukududuza nokweseka wonke umuntu olahlekelwe. “Angilahlekelwangwa nje unkosikazi kodwa ngilahlekelwe umngani wami nengilosi yami.

“Indaba yethu yothando eyaqala ngeminyaka yama-80’s ingenye yemilando kanye nobumbano esibe nalo olungajwayelekile futhi obeluqine ngendlela eyisimanga. Bekungabalulekile ukuthi umkami ukuphi nezwe, kodwa ubazi ukuthi ngiyohlezi ngikhona. Nami njengani nonke ngilimele kakhulu.

“Ngizoduduzeka futhi ngibe nokuthula ngoba ngiyazi ukuthi umkami ubengithanda futhi ephuphuzela uthando usuku nosuku. Sthandwa sami Connie, ngifuna wazi ukuthi ngifuna ukuba nawe namuhla, hlala wazi ukuthi ngizohleze ngikucabanga ngohleko nenjabulo yakho. Uphumule kahle sthwanda sami”, kusho u-Joseph.

Ngokusho kwakhe u-Joseph wagcina ukubona u-Connie ngoncibijane ngaphambi kokuthi abuyele kuleli ezoqpha ifilimi. Umshana wakhe u-Dominic utshele i-Independent Online ukuthi umalume wakhe ubengavunyelwe ukuba ingxenye yokuhlela amalungiselelo okufihla umkakhe.

“Indodakazi yakhe [uConnie] yamfonela ngoMsombuluko imazisa ukuthi ngezinhlelo ezikhona kuleli sonto. Nokho bangamenza ingxenye yezinhlelo”. kusho u-Dominic

Eqhubeka echaza uthe umalume wakhe no-Connie bebezwana kakhulu kwaze kuba ukuthi uyadlula emhlabeni umkakhe. Bagcine ukukhuluma enkundleni yezokuxhumana i-FaceTime ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokushona kwakhe.

“Uzame kaningi ukuthola ukuthi kwenzakalani kumalumekazi esibhedlela, wagcina emthola ku-FaceTime ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi ashone. Ngesikhathi bexoxa wawuzwa nje ukuthi akukhulumeki, ngacabanga nje ukuthi kukhona izingane zakhe futhi wayenqena zona”, kusho yena.

Kuthintwa umndeni wakwaChiume ngalokho uthe awuzukuphawula.

Ngo-2022 u-Joseph uke wabonakala ehambisana no-Connie emcimbini i-Netflix Bridgerton Affair obuse-Inanda Polo Club e-Sandton.

Isithombe: U-Connie Chiume nomyeni wakhe u-David Joseph ngezikhathi zobumnandi

Mayesho u-Dominic uthe umalume wakhe nomalumekazi bebesezinhlelweni zokuthuthela khona e-US njengoba bebejabulile emshadweni wabo. “Kungifikisela ngobuhlungu ukuthi umndeni wethu ushiwe ngaphandle kuyo yonke into ehlelwayo ngoba uchithe isikhathi esiningi ngapha evakasha ngamaholide, sibe nezikhathi ezimnandi naye.

“Ubesezinhlelweni zokudayisa umuzi wakhe oseGoli ukuze azohlala nathi ngapha e-US”, kusho u-Dominic.

Uthe umalume wakhe uhlela ukuthatha izinyathelo zomthetho uma kufanelekile kodwa angathokoza uma lolu daba lungalungiswa kahle futhi ngokuzwana.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.