KUBULAWE UMFANA (18) OBEFANISWA NESELA LEZIMBUZI
UFELE icala angalazi umfana oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18) obevakashele intombi yakhe kubo kanti uzoba nebhadi, lokusolwa kuthiwe ubezontshontsha izimbuzi emzini wakubo kwentombi yakhe. Lo mfana onguKamva Diniso ungowaseBaziya ngaphandle kwaseMthatha esifundazweni i-Eastern Cape.
Kusolwa ukuthi uKamva washawa abantu behlangene namalungu omndeni wakubo kwentombi yakhe, bambulala.
Ngokusho komngani wakhe uKamva owenza ibanga leshumi (grade 10) ongathandanga ukwaziwa uthe umngani wakhe ubevakashele intombi njengenjwayelo. “UKamva ujwayele ukuya kubo kwentombi yakhe, afike acashe emuva kwethange lamanzi ayilinde ize ifike. Ubekwenza lokho ngoba azi ukuthi uhlala nogogo wakhe. Intombi yakhe iye ilinde ugogo wayo alale bese iphuma iya kuye bejole.
“UKamva wayengazi ukuthi ngaleli langa abulawa ngalo kunabantu abavakashile kulo muzi, abazohlala impelasonto yonke. Ngesikhathi esacashile, omunye womalume bentombi yakhe wambona wase etshela abanye ukuthi usebone umuntu ecashile”, kusho umngani kaKamva.
Uthe wabe esehujwa uye umalume namanye amalungu omndeni, kwafika namalungu omphakathi, bethi ubezontshontsha. Ngokusho komngani kaKamva uthe ngesikhathi ehujwa kwakumenyezwa nabanye abantu kwagcina sekugcwele umphakathi.
“Wabanjwa, wabhaxwa kanzima. Wonke umuntu watshelwa ukuthi sekubanjwe isigebengu ebesizontshontsha. Sathuka masifika sithola ukuthi kanti kubanjwe uKamva. Babemlimaze kanzima”, kusho umngani.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape u-Lieutenant Colonel Siphokazi Mawisa uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala umuntu wesilisa oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18). “Amaphoyisa abiziwe esigamekweni esenzeke eSixuxula Location eBayiza. Ngolwazi esilutholile umufi watholwa esemzini womuntu, umnikazi womuzi wazisa amanye amalungu omphakathi amshaya kanzima. Ubulawe izinhlungu”, kusho Lt. Mawisa.