ZISAZOKHALA EGIGI CENTRE EMANDENI
KUYATHOKOZISA ukuzwa ukuthi ngoLwesihlanu lwakusasa lokhu okusayo indawo yobumnandi edumile elokishini laseSundumbili eMandeni, iGigi Centre Bar Motel and Pool izovulwa emuva kwesikhathi eside ingasebenzi. Leya ndawo kuningi ekwenzele abantu bakuleya ndawo kuhlanganisa ukudala amathuba emisebenzi entsheni, ukuveza ithalente lo-DJ bendawo kanye nokuheha izivakashi eziphuma ezindaweni ezihlukene.
Leya ndawo ephinde ibe namakamelo okulala izoqhubeka nokuhlanganisa abantu, yakhe nabangani abazojabulela iziphuzo, inyama kanye nokunye okuningi okuzotholakala ngaphakathi.
Kuthiwa iGigi Centre esinabaphathi abasha izovulwa ngomhlaka-16 Ncwaba ngehora lesihlanu ntambama kuya kwelesibili ngezintatha zangoMgqibelo. Kuzoba o-DJ bangaphakathi abazobe bededela ingoma kuhlanganisa no-DJ Skhokho esike sabhala ngaye kuMKHAYA, ophinde abe umhleli wemicimbi.
IGigi Centre isesigcemeni saseBhidla emuva kwezitolo zakwaGcaleka, emgwaqeni iNembe road.