“USOMIZI WANGIXOSHISA KUMA-IDOLS” – UNATHI NKAYI
USHAQISE abaningi umculi ophinde abe umsakazi uNathi Nkayi, eveza ukuthi uSomizi Mhlongo uyena owamxoshisa ukuba ijaji kuma-Idols SA. Ngokusho kuka-Unathi uSomizi ubenezwi elikhulu futhi elalelwa kulo mncintiswano ohlonza amathalethe abantu. Lokho kwaholela ekuthini abe nesandla esinqumeni sabaphathi bawo ama-Idols sokumkhipha kuwo [uNathi].
Uma echaza Unathi ngesikhathi ekhishwa kuma-Idols uSomizi wayesamile kuwo ukuze abe nesikhathi sokubhekana namacala okuhlukumeza ayefakelwe wona owayeshade naye uMohale Motaung.
Uthi wayemelene kakhulu nokuhlukunyezwa kukaMohale nabona ukuthi kwaba yinto eyamfakela isigcwagcwa kuSomizi. Usho lokhu ekhuluma ohlelweni lwe-podcast luka-MacG, i-Chill and Podcast with MacG.
Ngesikhathi esamile uSomizi kulolu hlelo bekuye kucelwe abanye osaziwayo abehlukene ukuthi bebambe onke amasonto kuze kube ukuthi uyabuya. Kuthe ngesikhathi izinkinga zakhe zamacala sezibohla kwaqala izingxoxo zokuthi abuye kulolu hlelo. Ngokuchaza kuka-Unathi abanikazi bohlelo bancenga uSomizi ukuthi abuye ohlelweni, bamnika nethuba lokuthi abeke imibandela yakhe ukuze amukele isicelo sabo. Omunye wombandela wakhe kwaba ukuthi kuxoswe Unathi kulolu hlelo.
“Ngangazi ukuthi angeke ngihlale kuma-Idols uma ebuya uSomizi. Ngangazi ukuthi ngeke ekwazi ukusebenza nami emuva kokukhuluma obala ngodaba lokuhlukumeza”, kusho Unathi.
Uthe wakusho kwacaca ukuthi yena akabeseki abantu abasolwa ngamacala okuhlukumeza ngokocansi, kuzokhumbuleka ukuthi uSomizi uke washushiswa ngecala elifanayo nango-2008.
Kwenzeka konke lokhu nje laba bobabili bebengamathe nolimi iminyaka kodwa ubungani babo baba bubi emuva kokuhlukana kuka-Unathi nawayengumyeni wakhe u-Thomas Msengana.
Mayechaza Unathi uthe ngaleso sikhathi uSomizi wayengumngani omkhulu wabo bobabili nomyeni wakhe uMsengana besashadile nangesikhathi sebehlukanisile.
“Njengamanje sesiyinkukhu nempaka ngoba wakhetha uhlangothi lalona engangishadenaye kodwa anginankinga naye mina”, usho kanje kwi-podcast.
U-Unathi uthe wakwazi ukubona ukuthi kunenkinga phakathi kwabo ngesikhathi uSomizi esehambela kude kuyena. “Wayeka ukubhalela imiyalezo nokungifonela, eseqala ukuhamba nomyeni wami mayephume nabangani bakhe. Wayesekhuluma nezinto nje ezingezinhle ngami ohlelweni lwakhe kumabonakude”, kuqhubeka Unathi.
Uthe nomndeni wakhe wakuqaphela ukuziphatha kukaSomizi wase umluleka ukuthi aphume kuyena.
Inhlukano phakathi kwabo yaphinde yagqama kakhulu ngo-2021 ngesikhathi uSomizi esolwa uMohale ukuthi uyamhlukumeza ngokocansi nokwakukhulunywa ngakho kakhulu. “Abantu abaningi babengibuza ukuthi angimeseki ngani uSomizi. Ngangisho ukuthi akasiye umngani futhi angibeseki mina abantu abasolwa ngamacala okuhlukumeza”, kusho yena.
Uthe abanikazi bohlelo ama-Idols babemlalela kakhulu uSomizi kangangokuthi bancamela ukulahlekelwa ababukeli ababelandela yena ukuze begcine izimfuno zikaSomizi.