UQUQUDWA INDLALA UMLINGISI OHLONISHWAYO
ISIMO asisihle kumlingisi wakuleli, u-Carlo Radebe obethandwa kakhulu esalingisa emdlalweni wesiteshi i-eTV i-Backstage ne-Generations ku-SABC 1. URadebe uphumele obala wakhuluma ngokuhlupheka kwakhe nokuthi usephila ngemali eyisibonelelo sikahulumeni u-R350.
Lokhu kuza emuva kokuba engasakwazi ukuthola umsebenzi kusukela emuva kokuhlasela kobhubhane i-Covid 19 ngo-2020. Uthe uke waba nethemba phambilini ngesikhathi umbhali wemidlalo, uMnuz. Duma Ndlovu emthembisa ukuthi kukhona angamhlanganisela khona kwinkampani yakhe iDuma Ndlovu Academy (DNA) kodwa kuze kube manje lokho akukaze kwenzeke.
Echaza uthe kube nochungechunge lwemihlangano kuhlelwa ukuba abe ingxenye yenkampani kaNdlovu kodwa usephinde wabuyela kulo usizi lwakhe ngoba akukho okuhlanganayo. Emuva kwalokho ubesephila ngeminikelo yabalandeli bakhe nabangani.
Abe-DNA bakhulume neziko lezindaba zobumnandi iZimoja bathi: “Sike sakhuluma naye izolo emuva kokuthola yakhe inombolo kwesinye sezihlobo zakhe. Besisabheka ukuthi singamsebenzisa kanjani. Angakwazi ukuba umqeqeshi wabafundi bethu e-DNA kakhulu ngoba ibanga alihambile libalulekile ekufundiseni abalingisi abasafika kulo mkhakha”, kusho oyinhloko yesikhungo uMapula Setlhako.
Nokho lo mlingisi uthe ababemethembise khona kubukeka sengathi akwenzeki. “Sewuphelile umnikelo engiwuthole kubantu ngoNdasa, okube izinsuku ezine. Imali ebengiyithola yanqanyulwa emuva kokuthenjiswa umsebenzi nendawo yokuhlala kudlalwa ngami. Akekho owazihlupha ngokulandelela noma ukuxolisa ngokubambezeleka kwesasikuxoxile”, kusho yena.
Uthe uke wathenjiswa ukuqopha umdlalo thizeni ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 Nhlaba kodwa nalokho akwenzekanga. “Ngithemba ukuthi ukhona oyongizwela ngelinye ilanga, niphinde ningibone komabonakude benu”, kuphetha yena.
UNdlovu utshele abeZimoja ukuthi usazolandelela ukuthi kwenzakalani ngodaba lukaRadebe ngoba akanayo imininingwane ngokwenzeka usuku nosuku kwinkampani yakhe.