UBEYINGQWELE YOMSAKAZO UZANELE MBOKAZI
USHONE eseyingqwele emkhakheni wezomsakazo uZanele Mbokazi-Nkambule njengoba engene kuwo okokuqala ngqa ngokusebenzela uhlelo i-Livewire obeluboniswa yi-NNTV ngeminyaka yama-90’s. Ukusuka lapho akabange esabheka emuva uZanele ohlonishwayo emkhakheni wezikaqedisizungu nowezokusakaza eNingizimu Afrika.
Izindaba zokushona kwakhe zivezwe umyeni wakhe u-Bishop Mpendulo Nkambule okuthe maphathi nesonto waphinde wakhipha izinhlelo zokufihlwa kwakhe.

Isithombe: Esibonisa izinhlelo zokukhumbulwa nokufihlwa kukaZanele Mbokazi
Esitatimendeni asikhiphe u-Bishop Nkambule uthe le nkakha yomsakazi nomsunguli wama-SABC Crown Gospel Awards izofihlwa ngoMgqibelo emuva kwenkonzo ezoba sehholo likamasipala waseThekwini i-Durban Internationa Convention Centre (ICC).
Kwisitatimende kuthiwa inkonzo yokukhumbula impilo kaZanele izoba sendlini yebandla, i-GNF Ministries ngase-Durban Station, eThekwini ngoLwesine lapho umphakathi uzobe wamukelekile khona.
UZanele ushone ngoMsombuluko esesibhedlela i-Parklands Hospital emuva kwezinyangana ebanjwe isifo somdlavuza wamaphaphu. Ukugula kumphazamise kakhulu uZanele kangangokuthi uke wahluleka nawukwenza uhlelo lwakhe olungena njalo ngesonto emsakazweni wesiZulu, Ukhozi FM.
Emsakazweni Ukhozi FM uqale ngo-1995 enza izinhlelo ezihlukene kusuka kwezomculo wokholo, othandwa abantu abasha kanye nezinhlelo zezingxoxo. Uke wasebenza ku-SABC 1 njengomethuli wezinhlelo zezindaba ngo-1997 waphinde wethule uhlelo olwaluthi Ihora Lokudumisa kusona lesiteshi.
Ngo-1999 usungule i-Mirror PR, kwathi ngo-2007 wenza uhlelo obedlala ku-SABC, i-Gospel Gold agcina esengumdidiyeli walo.
Lo msakazi obebuye ethule izinkulumo ezigqugquzelayo emihlanganweni eyasungulwa uyena efana ne-Future Leaders kanye neKhwezela ubebuye abe umbhali nosomabhizinisi.
Ubeneziqu ze-BA kwi-English and Politics azithola e-university of Natal, i-BA Honours in Media and Communications azithola e-Univeristy of Natal, i-Diploma ye-PR ayithola e-Damelin.
Uzalwe wakhulela esifundazweni sakwaZulu-Natali.