U-NASTY C NO K.O BENZA ‘AMANGA’ ODWA KWI-SINGLE YABO ENTSHA
KUHLANGENE izibhaxu zodwa kwi-single entsha ye-Hiphop ethi Too Much ezokhishwa uNtokozo ‘Nasty C’ Ngcobo noNtokozo ‘K.O’ Mdluli bebambisene noSkwandaworld. Kule single bawakhiphile amangwevu njengoba bexoxa indaba ngezinto abazizuze ngomculo, ukuhluka abanakho omunye nomunye emculweni kanye nobuciko bokukwazi ukudlulisa umyalezo ngendlela enesitayela.
“Le nhlanganisela iwulozolo olusho ukufika kwesikhathi esisha kwi-Hiphop yakuleli, inongwe ngobunyoninco bokukwazi ukuhlanganisa amagama kuka-Nasty C kanye nomndlandla enginawo nami. Begcina abalandeli bethu ukusibona sindawonye kungesikhathi sihlangene engomeni ka-DJ Vigilante ethi Bang Out cishe eminyakeni eyishumi edlule”, kusho u-K.O.
U-Nasty C uthe: Le ngoma idlulisa umyalezo ngebanga umuntu aselihambile empilweni, kuhlanganisa ubudlelwano enginabo nomama wengane yami kanye nokukwazi ukusebenzisa udumo ukuhlinzeka indodana yami ngakho konke ekudingayo. Ama-verse engigijima ngawo ahlangana kahle nama-verse nama-chorus ka-K.O anomfutho, kanti nami angizibekile phansi ngesitayela sami engaziwa ngaso mase ngenza izinto zami”, kusho u-Nasty C.