USEDAYISA UKUDLA USBU WOZALO
UMLINGISI oselingise isikhathi eside kuZalo, uSimphiwe Majozi odlala indawo yesibhedi, uSbu makhathiniusengene ebhizinisini lokudayisa ukudla. USimphiwe uvule indawo yokudla e-Newlands East eThekwini ayibiza ngokuthi iSbu & Ration’s Eatery.
Ekhuluma neTshisaLIVE uSimphiwe uthe indawo ayidlala kuZalo imholele ekuthi avule leli bhizinisi lokudla. “Ngingasho ukuthi indawo engiyidlalayo manje iyona enginike umfutho wokuthi ngivule indawo yokudla. Ngizibuze ukuthi ngangidayisa ukuthi ukudla ngesikhathi ngisafunda esikhungweni semfundo ephakeme eMgungundlovu, kungani pho manje ngingabuyeli kuleli bhizinisi ngiphinde ngidayisele abantu ukudla njengoba ngangenza.
“Bengilokhu ngiwumuntu okuthandayo ukupheka, ikhishi lami eMgungundlovu langisiza ukukhokhela izindleko zokufunda kwami ngoba kwakungenamali ngakho kwakuphoqa ukuthi kube khona engikwenzayo ukuze ngiqedele izifundo zami”, kusho yena.
Uthe akukho okushayisanayo ngokuqhuba leli bhizinisi kanye nokudlala kuZalo ngoba akayedwa kulona. “Ngiqhuba leli bhizinisi nomngani wami uCebo Minange, osanda kubuya e-Alaska. Ungumlingani wami, uyena obhekene nemisebenzi yansuku zonke yebhizinisi uma mina ngingekho”, kusho uSimphiwe.
Eshaya ihlaya njengoba evame ukwenza emdlalweni uthe: “Angazi noma abantu beza bethutheleka kule ndawo ngenxa yokudla noma ingoba ngilingisa kahle kodwa ngiyabonga ukuthi bayangeseka”.