Izindaba

UMZWAKHE MBULI USEVEZE UKUTHI ‘INTO’ YAKHE I-SABC CROWN GOSPEL AWARDS

KUNGAKAPHELI nesonto eshonile umsakazi woKhozi FM, uZanele Mbokazi-Nkambule imbongi uMzwakhe Mbuli isiveze ukuthi umcimbi wezindondo i-SABC Crown Gospel Awards owayo. Lokhu kuveza emuva kweminyaka lo mcimbi kwaziwa ukuthi into kaZanele oshone eseneminyaka engamashumi amahlanu nambili (52).

Uthe nakuba kuwumqondo wakhe lona akazange abe nankinga uma ebona uZanele eqhubeka nawo ngoba lokho kwakuzozuzisa abaculi bomculo wokholo.

UMbuli ubekhuluma konke lokhu ngesikhathi edlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMbokazi nowakwaNkambule ngokudlula kwakhe uZanele emhlabeni. “I-Crown Gospel Awards umqondo wami”, kusho yena.

“Kodwa ngamyeka uZanele waqhubeka nawo ngoba wayehlonipha ngawo abaculi bowokholo ababenganakwe muntu ngaleso sikhathi”, kuqhubeka uMbuli.

Uthe waba nalomqondo ngesikhathi kusaphethe uMvuzo Mveze no-Advocate Dali Mpofu e-SABC.

“UDali Mpofu wayeyi-Group Executive CEO e-SABC ngaleso sikhathi futhi angakufakazela lokhu. Angikaze ngilwe noZanele ngakho ngoba kwakungijabulisa ukubona indlela lo mcimbi owawuphumelela ngayo. Engangikufuna nje mina ukubona abaculi bowokholo behlonishwa ngoba into abayenzayo inkulu”, kusho yena.

Mayeqhubeka echaza uthi ubevame ukukusho kwabanye ukuthi umqondo wakhe lona wezindondo.

“Abantu abaningi bazobuza ukuthi kungani bengingasho lutho pho. Angikazi ngithule. Bengihlezi ngikuxoxa lokhu kwabanye. Abantu abaziyo ukuthi kwakuwumqondo wami lona bahlezi besho ukuthi kufanele izwe likwazi lokhu ukuthi uMzwakhe umsunguli wama-SABC Crown Gospel Awards”, kusho uMbuli.

Uveze ukuthi kumthusile ukushona kukaZanele. Uthe kubuhlungu ukuthi ngenyanga yabesifazane lelizwe lishiwe abantu besifazane abangamaciko amakhulu kangaka. Esho ebhekise nakumlingisi u-Connie Chiume naye osanda kushona.

“Izindaba zokudlula kukaZanele emhlabeni zingithuse kakhulu. Umdlavuza awunanembeza. Sengathi uNkulunkulu angaba nomndeni wakhe ngalesi sikhathi sobunzima.

Ngingasho nje ukuthi bengizwana noZanele futhi ngiyathemba ukuthi ngizosithola isikhathi sokuya emngcwabeni wakhe”, kuphetha uMbuli.

UZanele ushone ngoMsobuluko esibhedlela i-Parklands eThekwini kanti izindaba zokushona kwakhe zamenyezelwa umyeni wakhe u-Bishop Mpendulo Nkambule.

*Umthombo: Sunday World

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.