UMUNTU WESIFAZANE UNGOWEKHETHELO
ENGOSINI yabaNqobi ngithi namuhla angikhumbuze umuntu wesifazane ngamandla atshalwe kuye.
Lena yiNyanga kaNcwaba esivamise ukubungaza usuku nenyanga yabesifazane. Sikhumbula ukuthi kwake kwenzeka isimanga ziyisiShiyagalolunye kuNcwaba ngeminyaka yo1956 yabesifazane basusa umbhikisho baqonda komkhulu bayophikisana nomthetho wokuphathwa kwamapasi. Kungakho ngalenyanga ngithi asincome siphinde sibonge kwabesifazane ngeqhaza abalibambayo emindenini naseMphakathini.
Kukhona amakhaya amile namuhla ngenxa yowesifazane. Kuningi abesifazane abadlula kukho. Kunezinto obonayo ukuthi owesilisa wayengeke azimele.
Muntu wesifazane ngifisa ukukutshela ukuthi ubalulekile futhi wadalwa ngenhloso. Ungazibukeli phansi.
Wena ufanelwe ukuvikelwa, ukunakekelwa kanye nokuthandwa. Qikelela ukuthi awubi yimbangela yokwehlukana kwemindeni, ungabi yisizathu sokufa komuntu. Wena udalelwe ukwandisa okuhle ngothando. Ungumakhi awuyena umbhidlizi. Ufanelwe ukuthanda Wena bese uyahlonipha.
Ikhaya elingenaye owesifazane akubi yikhaya elifudumele. Ngikhuthaza ukubambisana nokuhloniphana kubantu besifazane bebodwa nje.
Ukubukelana phansi, ukumonazelana kanye nokuthathathana kancane akuphele kubantu besifazane.
Noma ngabe uke waba namaphutha empilweni kepha usenganquma namuhla uvuke uzithathe. Vuka uzame njengabanye besifazane, kepha uqikelele ukuthi awuzami ngendlela ezokwehlisa isithunzi ithunaze umzimba wakho.
Ngiphonsa inselelo kwabesilisa ngithi “Phansi ngokubulawa nokuhlulunyezwa kwabesifazane”. Maluju sizwe sakithi. Ubuntu abande ebantwini. Nakhu kwanda izintandane sibhekile. Lafa kabi izwe lafa ngathi. Bayaphela odadewethu bebulawa ikakhulukazi ngabantu beailisa. Bayadlwengulwa bayahlulunyezwa mhezindlela ezehlukene. Konakelephi sizwe sakithi? Indoda ayithathe indawo yayo ibe ngumvikeli futhi ibe nothando . Owesifazane makathobele owesilisa. Akube khona ukubekezelelana. Mthathe nJengomama, ugogo, udadewenu lowomuntu wesifazane.
Usidlwengula kanjani isalukazi? Umbulalelani umuntu othi uyamthanda? Idlwengulwelani ingane encane?
Aphi amadoda aqotho? Bona oMama abaneqiniso baphelelephi? Uyidayisa kanjani ingane yakho yentombazane? Kungani uthule ube wazi ukuthi ishende lakho linukubeza umtanakho?
Wonke umuntu ubalulekile. Asizame ukubuyisela isithunzi somuntu wesifazane. Naye owesifazane angakhohlwa ukuthi ungowesifazane ngokwendalo. Muntu wesifazane ungavumi ukufela kulesosimo esicindezela impilo yakho. Khuleka futhi ufunde ukuzithuthukisa. Usengakwenza kwenzeka. Umlando wakho ungawushintsha. Unamandla okwenza izinto zenzeke.
Sengathi kungaba yiNyanga eza namathuba, uthando kanye nempumelelo nakuwe mfundi walengosi.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die in The Cage’ nomqeqeshi wempilo