EzosaziwayoIzindaba

INDODANA KA-DJ TIRA ITHI AYISWELE LUTHO NGENXA YAKHE

IZISHAYA isifuba ngoyise indodana kaMthokozisi ‘DJ Tira’ Khathi njengoba iveze ukuthi ithola konke ekufunayo kuyise ongu-DJ odumile eNingizimu Afrika. U-Tank The Rock Star uyingxenye yohlelo oludlala ku-Showmax, oluthi-Born To Fame olubonisa impilo yangempela yezingane zosaziwayo.

“Ubaba usebenze kanzima kanti lokho kunika mina ithuba lokuphila impilo engiyithandayo futhi ngithola izinto engizifunayo kalula. Into eyinkinga nje ngokuba nobaba odumile ukuthi uhlale ematasa ngaso sonke isikhathi. Manje angilitholi ithuba lokuba naye isikhathi eside, kuhlale kunomsebenzi amatasa ngawo.

“Okunye okuyinkinga ukuthi bahlale belindele ukuthi wenze izinto njengobaba wakho. Abakuniki ithuba lokuthi nawe ube uwena”, kusho u-Tank.

Uthe ukuzalwa emndenini odumile kuyinto eza ekahle ngoba kuza nezinto eziningi ezinhle. Kukuvulela amathuba okungena ezintweni abanye abakuthola kunzima ukungena kuzona. Kodwa njengayo yonke into, nakho kunezinselelo kodwa kuleminyaka engikuyo manje sengize ngajwayela”, kusho yena.

Eqhubeka echaza uthe kunengcindezi enkulu ukuduma. Usho njalo nje ingoba naye ungumculi njengobaba wakhe.

“Abantu abaningi balindele ukuthi ngiqonde ngaso sonke isikhathi, bengabe besacabanga ukuthi nami ngisahlela eyami impilo nesami isigqi. Ngisazama ukwakha elami ikusasa futhi ngisahlanganisa. Abantu balindele ukuthi ngibe umuntu omsulwa nje, kodwa akuyo indlela yokwenza leyo”, kusho u-Tank.

Uthe akakholwa ukuthi ucashe ngobaba wakhe. Uthe usho njalo ngoba kukhulu yena akufunayo nahlose ukukuzuza kweyakhe impilo. Ukuba ingxenye yalolu hlelo sekungenze ngathola abangani abasha kulona.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com