EzosaziwayoIzindaba

UBAHLULE BONKE ABASAKAZI BASE-AFRIKA U-PENNY NTULI ENQOBA INDONDO

UFIKELWE umunyu umsakazi weJozi FM, u-Penny Ntuli ngesikhathi ebonga abalandeli bakhe abamvotele kumncintiswano wezindondo obuhlelwe ezingeni lezwekazi i-Afrika, i-Africa Shining Star Awards obuse-Sandton Hotel eGoli ngomhlaka-3 Ncwaba 2024. Ngokusho kwakhe u-Penny uthe yize ayethe bengamvoteli ‘omzala’ (ebhekise kubalandeli bakhe) kodwa bona baqhubekile bavota.

UMKHAYA wabhala ngalo mncintiswano phambilini lapho u-Penny aveza ukuthi kunomlaleli ofake igama lakhe kuwo, kodwa ucela kungavotwa ngoba uwuzwe sekudlule isikhathi. Futhi akayifakanga imininingwane yawo lo mncintiswano enzela khona ukuthi abantu bengabi nayo intuba yokumvotela.

“Yize nganicela ukuthi ningavoti kodwa aningilalelanga, nazifunela nina i-link navota”, kusho yena.

Uqhubekile wabonga umphathi wakhe kuJozi FM, uMnuz. Mhlongo ngokumnika ithuba lokuba semsakazweni ngesikhathi eselaxaze umsakazo waseThekwini iGagasi FM emuva kokungavumelani nomphathi wakhe, u-Ayanda Melansi ngomholo ka-R2800 ayezowuhola ngenyanga.

Uthe uyabonga kubalandeli ukuthi bengamlaleli. “Akusiyona-ke eyami le, ngibuye nayo, eyabantu baseNingizimu Afrika. Ngizoyiphatha kuyo yonke imicimbi engizoyihambela kusekela manje njengoba kuwuNcwaba.

“Ngibonge kubaba ongilande wangifaka kuJozi FM..ngiyazi ukuthi bengingeke ngiyithola le ndondo ukube bengingekho emoyeni”, kusho yena.

U-Penny uqwaqwade bonke abasakazi base-Afrika emkhakheni we-Best Star Radio Personality.

Abanye bakuleli abahambe nezindondo kulo mncintiswano u-Lady Amar, onqobe emkhakheni we-Best Star Female DJ of the Year, Lethabo Mekoa yena onqobe emkhakheni we-Best Actress of the Year, Mandla N onqobe emkhakheni we-Best Star Movie Director of the Year nabanye.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.