U-TBO TOUCH WE-METRO FM UHLANGANISA EYOKHOLO NO-ZAKES BANTWINI
UMSAKAZI owenza uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku ku-Metro FM, uThabo ‘Tbo Touch’ Molefe upheka ulozolo lwe-album yomculo wokholo ayihlanganyele nomculi waseThekwini u-Zakes Bantwini. Lo msakazi ohola ukubadlula bonke ku-Metro FM uphinde ahlele idili lo mculo alibiza ngokuthi i-Replenishment Concert ezoba ngomhlaka-28 Mandulo e-Supersport Park Stadium ePitoli.
Kuleli dili lo mculo kulindeleke abaculi abafana nowayeyilungu le-TKZee, uKabelo Mabalane, Rececca Malope, Lebo Sekgolela, Dumi Mkokstad, Ayanda Ntazi, Dr Tumi nabanye abaningi.
“Mina no-Zakes sihlanganile saqopha ingoma futhi maduze sizoqedela i-album esisazoyiqamba, eyomthandazo. i-Replenishment ibambisene nomasipala i-City of Tswane nokuwumsebenzi omkhulu njengoba sizosebenzisana nabahlizeka umsebenzi baseTshwane”.
“Ngizobe ngidlala ingoma engiyiqophe no-Zakes kuleli dili lo mculo futhi ikho kanye lokho okungijabulisayo. Kufanele sibuyisele abantu emuva kuNkulunkulu, umculo wami uzokwenza izimangaliso kubalandeli bomculo wokholo. Umculo wokholo uyakwazi ukubuyisa inhlansi yobuhlakani futhi kuthi zonke izimo ezikwehlelayo empliweni ubeke ithemba lakho enkosini”, kusho yena.