Izindaba

SEBEJAHE UKUYOZIJUXUZA ENDAWENI KA-KABZA DE SMALL ESOWETO

USENXUSE abalandeli bakhe nabathandi bobumnandi ukuthi belinde, bengaphangi umdaka uKabelo ‘Kabza De Small’ Motha. Lokhu kulandela ukuthi kube nokubambezeleka kokuvulwa kwendawo yakhe i-PianoHub eseSoweto ngenyanga eyedlule.

Uthe konke sekumi ngomumo, noma nini zizokhala. “Kube nokubambezeleka okuncane njengoba bengiwumuntu uwehla enyuka, kanti nosonkontileka babambezele kakhulu ngokungaqedi umsebenzi ngesikhathi, kodwa bekungelona iphutha labo. Kuyangijabulisa ukusho ukuthi zincane izinto esezisele manje okumele zilungiswe. Sizovula ngokushesha, ihlobo liyangena manje”, kusho yena.

“Ngicela abantu belinde nje konke okwenziwayo kuqedwe ngoba ngifuna yonke into ibe sesimeni mase kuvulwa. Amakhasi ezinkundleni zokuxhumana amatasa, abantu babuza imibuzo ukuthi kuzovulwa nini kanti? Konke kusohlelweni, kuzovulwa nje mase kufanele”, kusho u-Kabza De Small.

Ngenyanga edlule u-Kabza De Small ubhale ekhasini lakhe ukuthi: “Siyaxolisa ukunazisa ukuthi ngenxa yokubambezeleka ngomsebenzi owenziwayo, siyaphoqeleka ukuthi sikuhlehlise ukuvulwa kwendawo yethu entsha. Usuku olusha lokuvula sizolumemezela.

“Siyazi ukuthi nimagange nilinde ukuba sivule, siyaxolisa ngobuhixihixi obudalwa ilokhu. Khululekani nje, sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi yonke into isesimeni ngaphambi kokuba sivule ngempumelelo. Siyabonga ngokuqonda isimo sethu nokuseseka njalo. Sijahe kabi ukunamukela kule ndawo”.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.