Izindaba

KUPHENYWA NGOKUTHOLAKALA KWESIDUMBU SINGENAKHANDA NGASEMHLANGA

AMAPHOYISA ase-Durban North aphenya icala lokutholakala kwesidumbu singenakhanda emgwaqeni u-M41 ngaseMhlanga, KwaZulu-Natali ngoMsombuluko ebusuku. Ngokusho kwamaphoyisa lesi dumbu sitholakale ngase-Gateway ngabo-20:20.

Ngokusho kwenkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa (RUSA) kusolakala ukuthi kunemoto eshayise umuntu yabe isibaleka kodwa kusazokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kuhlonzwe ukuthi ngabe yini imbangela yokufa.

Okhulumela abakwa-RUSA u-Prem Balram uthe isidumbu ngathi siginqinke kaningi ngaphambi kokuthi sishiwe kanjalo emgwaqeni. Kusize abashayeli bezimoto ebezidlula okuyibo abashayele ihhovisi lakwa-RUSA belazisa ngesidumbu somuntu esilahlwe emgwaqeni. Kukhishwe onogada ukuyobheka, bafica isidumbu somuntu ebesinezinyawo izingalo,nesifunda kodwa ikhanda lingekho.

“Kubukeka sengathi imoto ihambe phezu kwesidumbu isikhashana ngoba besivandlekile, sase siginqwa ibangana ngaphambi kokuba sishiwe kanjalo. Imoto eyenze lokhu ayimanga kodwa ibalekile”, kusho u-Balram.

*Umthombo: The Citizen

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com