EZISEMATHENIIzindaba

“U-KELLY KHUMALO WAYEXHUMANA NOMSOLWA WESIHLANU ENGAKABULAWA UMEYIWA” – STEYN

USAMILE ebufakazini bakhe umcwaningi womakhalekhukhwini osewathatha umhlalaphansi, u-Colonel Lambertus Steyn bokuthi kwaba nokuxhumana phakathi kuka-Kelly Khumalo nomsolwa wesihlanu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.

U-Steyn ubebuyele ukuzofakaza kuleli cala ebelise nkantolo i-Pretoria High Court ngoMsombuluko emuva kokuba owayesebenza kwa-Vodacom, u-Pinky Vythilingam athi akakwazi ukuqinisekisa ukuthi kwenzeka ngempela lokhu.

Ngokobufakazi buka-Steyn ngomhlaka-2 Ncwaba nangomhlaka-15 Mfumfu 2014 u-Kelly waxhumana nomsolwa wesihlanu uFisokuhle “Nkani’ Ntuli ngaphambi kokuthi kubulawe owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.

“Ngiyakuqinisekisa ukuthi kwaba nokuxhumana phakathi kuka-Kelly Khumalo nenombolo-5458 okwakungekamsolwa wesihlanu uNtuli ngalezinsuku, 2014/08/02 no 2014/10/15 besebenzisa i-internet nokungenza ukuthi kungaveli kusigaba 205”, kusho u-Steyn.

Okunye oshaqisayo okuvelile kuleli cala ukuthi imininingane egcinwe kumakhalekhukhwini ka-Kelly yacishwa yonke emuva nje kancane kokubulawa kukaMeyiwa

Leli cala lizoqhubeka ngoLwesibili kanti u-Steyn uzoqhubeka nokufakaza.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.