KUTHINTE ABANINGI UKUFA KUKA ZANELE MBOKAZI
SELOKHU kuzwakale izindaba zokudlula komsakazi woKhozi FM nomsunguli wama-Crown Gospel Awards, uZanele Mbokazi-Nkambule abantu ezinkundleni zokuxhumana ilokhu befake njalo imibhalo ebonisa ukulahlekelwa kakhulu ngokufa kwakhe. UZanele obebuye abe umbhali wezincwadi nosomabhizinisi ushone ngezintatha zangoMsombuluko esibhedlela esiseThekwini i-Parklands Hospital.
Kube umkhwenyana wakhe u-Bishop Mpendulo Nkambule odlulise umyalezo ngesitatimende ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana. Kulesitatimende bekubhalwe ukuthi: “Kubuhlungu ukuthi thina mndeni wakwaNkambule nowakwaMbokazi, simemezele kini ngokudlula kwesithandwa sethu uNks Zanele Mbokazi-Nkambule”.
Udlule emhlabeni ngezintatha zangomhlaka-12 Ncwaba e-Parklands Hospital. Siyabonga ngemikhuleko yenu, uthando nokwesekwa yini ngalesikhathi esibe nzima sokugula kwakhe”, kusho isitatimende.
NgoNhlaba umndeni wakwaNkambule wabika emsakazweni Ukhozi FM ukuthi uZanele unesifo somdlavuza okuyiso esingamnike thuba. “Ngesikhathi ehlinzwa odokotela bathola ukuthi unomdlavuza wamaphaphu, kodwa sithembile ukuthi uNkulunkulu uzoba naye”, kusho uNkambule emsakazweni Ukhozi FM.
Sebebaningi osaziwayo nabanye abantu abanegama emphakathi kanye nabalaleli boKhozi FM abadlulisa amazwi enduduzo emndenini futhi beveza nokuthi impilo kaZanele ibathinte kanjani. Omunye wabo uNorma Mngoma othe uZanele ubewumuntu obehlale emamatheka ngaso sonke isikhathi, kwaze kwaba sekugcineni.
“Kuningi esikwenze ndawonye okuhle futhi okuyohleze kuzinkumbulo, ngiyabonga ngothando nemithandazo abengenzela yona. Uyidlalile indima yakho ngokuziqhenya. Sikhulekile sinxusa uNkulunkulu ukuba akugcine kodwa yena wenze intando yakhe”, kusho uNorma.
Umlingisi wemidlalo kamabonakude, uSophie Ndaba utuse kakhulu uZanele ngokuba udadewabo mayedinga umuntu azokhuluma naye. Ubhale wathi: “Dadewethu engimthandayo, ngisho kanjani nje ukuthi uhambe kahle? Kuningi obekusamele sikwenze ndawonye futhi sikufunde kuwena. Ubuyilokhu wonke umuntu akufisa kudade. Uthando obunalo ngoNkulunkulu kanye nomndeni wakho belumangalisa. Ngiyazi ukuthi izulu lithole ingelosi enamandla, ezobe yenza imibhiyozo nezingxoxo kubantu besifazane nemindeni. uphumule kahle Ndlovukazi yazi yami”, kusho uSophie.
Abanye osaziwayo abadlulise ukubalisa kwabo ngokudlula kukaZanele emhlabeni ngo-Tony Kqoroge ongumlingisi nomqondisi wemidlalo kamabonakude. Uthe: “Mazet dadewethu inhliziyo yami yephukile. Nonke niyasishiya futhi angazi ukuthi kumele ngizizwe kanjani. Yikho ukubeka ithemba kuNkulunkulu ukuthi siyophinde sihlangane futhi. Lala ngoxolo”.
Undunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz. Thami Ntuli uphawule kwa-SABC eveza ukushaqeka kwakhe emuva kokuzwa izindaba zokudlula kukaZanele emhlabeni. Ufanise umcimbi wezindondo awusungula [uZanele] i-Crown Gospel Awards njengalona wama-Grammy Awards.
Bakhona futhi abanye osaziwayo ababhalile ezinkundleni zabo zokuxhumana njengoMfu. Benjamin Dube, Stha Kgoroge, Rebecca Malope, Miyelani Rikhotso, BI Phakathi, Mpho Yavhudi nabanye abaningi.