EZISEMATHENIIzindaba

U-JACINTA NGOBESE WEVUMA FM USENGUMAKOTI OMUSHA WAKWAZUMA

BEKUKUHLE kudelile emzini wakwaZuma eThekwini ngesikhathi kushada umsakazi weVuma FM, u-Jacinta Ngobese nosomabhizinisi uMnuz Xolani Zuma. Bekubonakala nje kusetshenziswe eshisiwe imali kusukela ekudleni obekudliwa, iziphuzo kanye nendlela obukuhlotshiswe ngayo.

Okuqaphelekile kulo mshado ukuthi bekutheleke lonke uhlobo lwabantu abakhulu eThekwini kusukela kosopolitiki, osaziwayo emkhakheni ehlukene nabasebenzi beminye imisakazo. Phakathi kwabanye abebekhona singabala o-DJ Cndo, umsakazi woKhozi FM uDudu ‘Lady D’ Khoza, unontandakubukwa waseThekwini uTha Simelane, obenguNdunankulu KwaZullu-Natali uNkk. Nomusa Dube-Ncube nabanye abaningi.

Akucaci kahle ukuthi umyeni ka-Jacinta uhlobene yini nowayengumengameli wakuleli, uMnuz. Jacob Zuma kodwa yena akabonakalanga kulo mshado. Kuvele ukuthi laba abebeshada bathembisene umshado ngoLwezi ngonyaka odlule.

U-Jacinta ekhuluma neziko lezindaba iZimoja uthe uthokoze ukuthi ekugcineni usezobizwa ngoNkosikazi Zuma. Uchaze usuku lo mshado wakhe njengolumangalisayo futhi obelusezingeni.

“Ngisakhathele kusukela izolo. Impelasonto ayikapheli njengoba sisanake izimenywa zethu”, kusho u-Jacinta ngeSonto. Uthe okwamanje usazoke athathe ikhefu emsebenzini ukuze athi ukuphumula kancane

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.