BASHAYISWE IMOTO YABALEKA ABEBEMISA IZIMOTO EMVOTI PLAZA
ABALISA ababili baseMozambique abebemisa izimoto ezibheke eThekwini emgwaqeni u-N2 bashayiswe imoto yohlobo lwe-Toyota Fortuner yabaleka maqondana ne-Tollgate yaseMvoti, KwaDukuza ngoLwesine olwedlule. Laba bobabili basebenza kwinkontileka ese-Ballito kanti kuthiwa bebejwayele ukuhamba ngalendlela mabeya emsebenzini.
Kuthiwa labalisa amagama abo okungo-Paul no-Alex bashone kuyo lendawo abagxotshwe kuyo imoto. Bobabili bebehlana elokishini laseThembeni eduze kwase-Tollgate.
Abantu abaningi bajwayele ukumisa izimoto emgwaqeni u-N2 ngenxa yokungabi nayo imali eyanele yamatekisi nokho osomatekisi bahlezi bebasusa njalo njengoba befuna basebenzise amatekisi abo. Ziningi nezigameko zokubulawa kwabantu abagibeza abantu kulomgwaqo noma bekhokhiswe itshe lemali.
Umngani ka-Paul, u-Azap ukhulume neziko lezindaba wathi bajwayele ukumisa izimoto ezisuke zidlula ku-N2 ngoba abanayo imali yokugibela amatekisi. Okunye akushilo ukuthi banenselelo yokuhambisa laba ekhaya eMozambique njengoba bezodinga imali engu-R60 000 ukukhokhela izindleko kanti abanayo.
“Sidinga imali engu-R30 000 umuntu eyedwa kanti asinayo. Asazi sizokwenza njani, siyacela noma ubani ongasisiza ukuba elule isandla sihambise abafowethu ekhaya ngendlela ehloniphekile”, kusho u-Azap