EZIKAMABONAKUDEIzindaba

UKHONJWA EMDLALWENI WAKU eTV USINDI DLATHU

INKAKHA yomlingisi esibonakale emidlalweni eminingi kuleli, uSindi Dlathu ukhonjwa emdlalweni odlala ku-eTV, Isiphetho. Lo mlingisi uke wabonakala kwi-The River edlala indawo kaLindiwe Dlamini naku Muvhango edlala indawo kaThandaza Mokoena, kanti muva nje ubonakale emdlalweni odlala ku-BET Africa, i-Queendom.

Lapha kwi-Isiphetho esikhiqizwa i-Black Brian Picures kaMandla N uzodlala indawo kaNomvula ozofika ashubise izinto eMzihlophe. Ngokomthombo othembekile osondelene nabakhiqizi bomdlalo uthe izingxoxo phakathi kwalomlingisi nabadidiyeli be-Isiphetho zibe impumelelo, uSindi uzoqala ukuthwebula iziqephu maduze.

“Uzojoyina ithimba lomdlalo ngesonto elizayo futhi indawo ayidlalayo izojatshulelwa. Ukufakwa kwakhe kulo mdlalo akungabazeki ukuthi kuzonyusa izinombolo zababukeli. Izingxoxo phakathi kwakhe nabadidiyeli zithathe isonto lonke. UMandla N ubethokoze kakhulu ngokuthola ‘ufishi’ omkhulu”, kusho umthombo.

UMandla N ukuqinisekisile ukuthi nebala lomlingisi uzojoyina Isiphetho. “Yebo, udadewethu uSindi usejoyine Isiphetho futhi ngithokozile kakhulu ukuthi abe ingxenye yethimba. Ukuba khona kwakhe kuzonyusa izinombolo zababukeli ngesikhathi umdlalo ozongan ngaso. Uzoqala ukuqopha kusukela ngoMsombukuko wesonto elizayo. Ngicela abantu bebuke umdlalo ngeke bese bedumale”, kusho uMandla N.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com