KUSAZOBOSHWA ABANYE ECALENI LIKA-AKA
UVEZE ukuthi kusazoboshwa abanye abantu umshushisi omkhulu kahulumeni ecaleni elibhekene nabasolwa abahlanu lokubulala u-Kiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe owayengumpheki odumile, uTebelo ‘Tibz’ Motsoane endaweni yokudla i-Wish restaurant eku-Florida Road enyakatho yedolobha eThekwini. Ubesho lokhu ngesikhathi kuvele abasolwa abahlanu enkantolo i-Durban Magistrate Court ngoLwesine.
Abasolwa abahlanu abavele enkantolo bekungoLindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Myeza, Mziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande. Abanye ababili, uSiyabonga noMalusi okuyizelamani zakwaNdimande ezababanjwa becashe Eswatini abakafiki kuleli. Kusalandelwa uhlelo lokuthi belandwe yize abameli babo beveze ukuthi impilo yabo isengozini kukahle beboshelwe khona eSwatini.
Bonke labasolwa babhekene namacala okuhlanganisa; ukwakha itulo lokubulala, amacala amabili okubulala, ukuba nezibhamu ezingekho emthethweni, ukuba nezinhlamvu ezingabhaliswe ndawo kanye namacala amahlanu okuzama ukubulala.
UMkhwanazi, Ndimande, Myeza noGwabeni bona banamanye amacala okushintshiselana ngemali nokuzibandakanya ezenzweni zobugebengu.
Imantshi u-Vincent Hlatshwayo uvumelane nohlangothi lukahulumeni ukuthi icala lihlehlele umhlaka-29 Lwezi ukuze luthole isikhathi esanele sokuqedela uphenyo.
Umshushisi omkhulu kahulumeni u-Lawrence Gcaba utshele inkantolo ukuthi kunobunye ubufakazi ababutholile ngaleli cala okuthinta ukulandwa kwezelamani zakwaNdimande Eswatini. “Inkantolo kufanele yazi ukuthi kunecala elithinta ukuphenywa kwezimali elisaqhubeka. Lolu phenyo luthinta amacala okushushumbiswa kwemali elinganiselwa ku-R800 000 eyafakwa kwi-account yasebhange kammangalelwa wesine”, kusho uGcaba.
UGcaba uphinde watshela inkantolo ukuthi kunabanye abasazoboshwa kuleli cala. “Laba kuhlanganisa abantu abaziwayo, osekuxoxiwe nabo ukuthi benze izitatimende. Lezitatimende ziveza okuholele ukuthi kulandelelwe ngezinye izinto ezithinta ukushintshiselana ngemali (money laundering).