USEXOLISILE U-DJ SBU NGOKWESEKA OBENGENELE U-MISS SA
AKAZANGE apholise amaseko uSbusiso ‘DJ Sbu’ Leope, usevele waxolisa ngokuphawula kwakhe eseke intokazi ebingenele umncintiswano ka-Miss SA, uChidimma Adetshima. Le ntokazi igcine isulile kulomncintiswano emuva kokuvela kombiko wesikhashana owethulwe umnyango wezasekhaya kuleli. Lo mbiko ubudalula ukuthi kungenzeka ukuthi kunenkohlakalo eyenzima unina ngesikhathi eyibhalisa imininingwane kaChidimma kuwo ukuze athole isitifiketi sakhe sokuzalwa.
U-DJ Sbu uthe uyaxolisa ukuthi kukhona abantu abacasulile ngesikhathi ezwakalisa ukweseka uChidimma yize abantu abaningi bebekungabanga ubuzwe bakhe njengoba bebesho ukuthi uyise ungowaseNigeria kanti unina ungowaseMozambique.
Ngesikhathi u-DJ Sbu evikela uChidimma abantu abaningi bayakhetha ukuthi bagxeka bani [esho ngoba baningi asebeke bangenela lo mncintiswano abanagama okusiwo awakuleli], waphinde wanxenxa abantu ukuthi befake umfuthi ezintweni ezibayisa phambili.
NJengoba sekuvele lezindaba ezithinta inkohlakalo, u-DJ Sbu useshintshe ukukhuluma, wacela uxolo. Uthe uzolinda umthetho uthathe indawo yawo. “Ngiyaxolisa ngokungenambandela bakwethu”, kusho yena.
“Ngiyakukholwe kwikusasa nakubantu abazamayo futhi abasebancane. Ngilwela imoumelelo yabantu abasebasha futhi ngiwumuntu osebambe elikhulu iqhaza ekutheni bathole amathuba. Ngiyathanda ukuxolisa kakhulu kwabathintekile, angigodli lutho.
Ngiyabathanda abantu baseNingizimu Afrika, ngishumayela ivangeli lokuphumelela. Uma engikushilo kubaphathe kabi abantu, ngiyaxolisa kakhulu. Ngiyaphinda futhi ngiyaxolisa. Noma sengikushilo lokho ngiyafuna ukusho ukuthi kufanele sibeseke abantu abasebasha, okwamanje asiyeke umthetho udlale eyawo indima.
“Kulungile noma ningangithuka kodwa sengathi singaba nomcimbi omuhle ka-Miss SA ngoMgqibelo”, kuphetha yena.