Izindaba

UGWETSHIWE OTHOLWE ENECALA LOKUKHWABANISA R1MILLION

Lolu phenyo lwathola ukuthi kunemali ebikhishwa kuthengwe ngayo udizili nsuku zonke. Okuxakayo ukuthi lo dizili wawuthengwa nje kodwa ama-generator okwakuthiwa uthengelwa wona ayengasebenzi. Ngokwesitatimende esikhishwe ngabezokushushisa, uDikhoba wesula esikhundleni emuva kokuba ethunyelelwe ubufakazi balokhu kukhwabanisa.
Ngokuthola kwaleli koMKHAYA, lo dizili owakhwabaniswa kwakufanele usetshensiwe ukukhanyisa ama-generator ezindawo ezihlala labo abanakekelwa yiwo lo mnyango. Lokhu kuphinde kwagcizelelwa nguMshushisi omkhulu obephethe leli cala ngesikhathi esonga izethulo zakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com