Izindaba

KUVELE IZINSOLO EZISHAQISAYO NGONINA WONGENELE U-MISS SA

“Kunezinsolo eziqinile zokuthi kungase kube nenkohlakalo eyenziwa yokwebiwa kwemininingwane yomuntu wesifazane eyasetshenziswa ngesikhathi kubhaliswa imininingwane yengane enguChidimma Adetshina”, kusho isitatimende somnyango.

Nokho umnyango ukuvezile ukuthi yena siqu uChidimma kazange abe ingxenye yenkohlakalo eyenziwa ngunina njengoba wayengusana ngo-2001.

“Esingakusho ukuthi kunomama ongazi ukuthi wadukelwa kanjani umazisi wakhe, owantshontshwa umama kaChidimma. Ngalokho lowo mama akakwazanga ukubhalisa eyakhe ingane”, kuqhuba isitatimende.

Kuningi osekukhulunywe abantu emuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi ungenele lo mncintiswano. Okusematheni obekukhulunywa ukuthi ubuzwe bakhe buyangabazeka ngoba ubaba wakhe ungowaseNigeria kanti unina kuvele ukuthi ungowaseMozambique. Yize kunjalo baningi osaziwayo nabantu abanegama emphakathini abebemeseka uChidimma, bethi ukuzalelwa kwakhe kuleli kumenza abe nelungelo lokungenela lomncintiswano.

Umnyango uveze ukuthi ngoMsobuluko wathola isicelo kubahleli baka-Miss SA ukuthi ucubungule ngobuzwe bukaChidimma, esasihambisana nencwadi evuma lokho eyayibhalwe umama wakhe kanye naye uqobo. Uphenyo olwenziwe luveze ukuthi kungenzeka ukuthi umama kaChidimma wantshontsha umazisi womunye umuntu ukuze abhalise ngayo eyakhe ingane.

“Emuva kokuba umnyango uthole lesi sicelo usebenzise zonke izinsiza zawo ukuthola umsuka walo. Bekubhekwa imiqulu yemininingwane, kuvakashelwe izibhadlela nezinye izindawo laba abake bahlala kuzona ukuze kuqoqwe lonke ulwazi olungalekelela.

“Umnyango kumanje usuqinise uphenyo lwawo ukuze uthole okuningi nangabasenzi bawo okungenzeka ukuthi basiza ekwenzeni lenkohlakalo futhi usuthole iseluleko somthetho ukuthi wenze njani uma kutholakala kukhona abasebenzi bomnyango abathintekayo ngokuvumela ukunika uChidimma ubuzwe ngendlela enenkohlakalo. Uma seluphelile uphenyo umnyango uzobe usuvulela icala bonke abathintekayo”, kusho isitatimende somnyango.

Siqhubeka isitatimende somnyango sithe kuyaqhubeka ukuxhumana nabo bonke abathintekayo kuhlanganisa nomama kaChidimma.

Ungqongqoshe womnyango wezasekhaya, uMnuz. Leon Schreiber uthe lesi sigameko esenzeke eminyakeni engama-23 edlule sibaqwashisa ukuthi kunesidingo sokuthi kusheshiswe uhlelo olusha lokuthuthukisa ubuchwepheshe babo, ukuze kuvinjelwe izenzo ezifuze lesi esikhathini esilandelayo. Uthe bafuna ukwenza izinhlelo ezifana nezenziwa ihhovisi likamqoqi wentela, i-South African Revenue Service (SARS) ngeminyaka yo-2000.

“Lokhu kuhambisana nesizathu sokuthi umnyango uthi akucishwe imininingwane yomazisi abathile, kuphindwe kuqashelwe ukuthi ibaphi labo abavuswa zinkantolo uma kade sebesicishiwe. Konke lokhu sizokwenza silandela umgomo womnyango wokuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa futhi amalungelo abo bonke abantu awaphazanyiswa”, kusho ungqongqoshe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.