EzosaziwayoIzindaba

AKASALALI EBUSUKU SELOKHU AFELWA INDODAKAZI YAKHE U-SHEBESHXT

UTHI njalo uma sekufanele elale ufikelwa imicabango yendodakazi yakhe umculi waseLimpopo, uLehlogonolo ‘Shebeshxt’ Chauke nokuyinto emphazamise kakhulu empilweni. Kulandela isigameko sangomhlaka-8 Nhlangulana lapho indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye (9) yafa ujuqu engozini yemoto eyenzeka beya emcimbini ayemenywe kuwona. Yena [uShebeshxt] nasebenzisana naye uKholofelo Moloto balimala kanzima kule ngozi.

Selokhu ebuyele ezinkundleni zokuxhumana ngomhlaka-21 Ntulikazi, uShebeshxt unokuveza indlela azizwa ngayo selokhu ashonelwa indodakazi yakhe kanti uphinde abonge abalandeli bakhe ngokumeseka.

“Ubuhlungu bokulahlekelwa indodakazi yami neh? mxm. Ngiyazama ukuqina kodwa njalo ebusuku mangiya embhedeni ngiyakhala. Ngiphila nalobu buhlungu emplweni yami.

“Akekho nami ngokwenyama kodwa ngiyazi ukuthi unami ngokomoya. Uyingelosi yami. U-Onthatile indodakazi yami. impilo yami”, ubhale kanjalo kwenye yemibhalo yakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Njengamanje lo mculi uzilungiselela ukubuyela e-stage emuva kwalesiphihli sengozi esadlula nendodakazi yakhe. Kuzothi ngomhlaka-28 Mandulo, enze idili lomculo elizoba se-Opera Theatre ePitoli alibiza ngokuthi i-My Music, My Story.

Ekhuluma neziko lezindaba ummeli kaShebeshx, uLot Rammusi uthe balinde ukuthi odokotela bamvumele ukuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe wokunandisa bese ‘ziyakhala’.

“Idili limayelana naye lapho ezobe exoxa khona indaba yakhe futhi echaza okumehlele. Usabonana nodokotela wamathambo kanjalo nowengqondo. Usalulama yena kodwa kubukeka konke kuhamba kahle. Umcimbi uzobe une-ochestra ephelele. Ngeke ngikhiphe imininingwane eminingi ngoba ngizone ngona into yakhe”, kusho ummeli.

“Asifuni ukuphazamisa ukululama kwakhe, uthokozile ngalomcimbi ohlelwayo futhi ujahe ukwenza lokhu akuthandayo e-stage“, kuphetha ummeli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.