ISHUBISWA OSOPOLITIKI MUVA NJE EKA-MISS SA
SEKUSUKE enkulu impi enkundleni yokuxhumana u-X kushudulisana osopolitiki ababili, umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), u-Gardee Godrich nowayengenele ukhetho ngokuzimela ngoNhlaba 2024, u-Anele Mda. Laba babanga udaba olusematheni kulezinsuku lukaChidimma Adetshina ongenele umncintiswano ka-Miss South Africa.
Le mpi iqale nge-video eyenziwe u-Anele ku-Tiktok ephawula ngodaba olusematheni kulezinsuku lokungatshazwa kobuzwe bukaChidimma ngokufaneleka kwakhe ukungenela u-Miss South Africa.
U-Anele ubuze ukuthi abantu bakuleli inini lapho abake babekwa khona phambili eNigeria. “Kunini lapho esike sabekwa khona phambili eNigeria? Mangase sithi iNigeria inabaxhasi bamahhala manibuka bengacabanga abantu baseNingizimu Afrika kuqala?” kubuza u-Anele.
Uqhubeke wathi abantu baseNigeria bathatha izinto zabantu baseNingizimu Afrika namathuba okumele ngabe atholwa abantu ibo. “Bangena ezweni lethu, bafune ukuthatha onke amathuba nezikhala ezizatshalazelwe kanzima abantu bethu abebengenawo amathuba”, kusho yena.
Inkulumo igcwale ku-X ngokushesha nakhona waqhuba nokukhwela edilika kuChidimma. “Angakhazimula njengedayimane kodwa lelo dayimane elaseNigeria”, kusho u-Anele. Uthe uyaweseka onke amantombazane angamashumi amathathu ahlukunyezwa ngokocansi umfundisi, u-Pastor Timothy Omotoso obhekene namacala okunukubeza ngokocansi.
“Bathatha zonke izinto okufanele ngabe zitholwa abantu baseNingizimu Afrika. Likhona leli tulo lokuthulisa abantu bakuleli ukuze bengakhulumi ngabantu bokufika abagcwele lana eMzansi abenza ukungcola”, kusho yena.
Ube esengena u-Godrich wachitha konke lokhu obese kukhulunywe u-Anele, ethi ukhomba ukungazi. Uthe bayinkulungwane abantu baseNingizimu Afrika asebehlomule ngamathuba emfundo ezikhungweni zemfundo ephakeme eNigeria.
“Akazi lutho futhi uyahluleka ukukhulma into ezwakalayo” kusho uGodrich.
Ubuye waveza ukuthi izwe laseNigeria labeseka abantu bakuleli ngesikhathi kuqhubeka umzabalazo wobandlululo nokuyinto okumele ngabe iyasihlanganisa njengabantu abamnyama.