BAHLONGOZA UKUMISA ULERATO KGANYAGO NGOKWESEKA ONGAFUNWA KU-MISS SA
ABANTU sebeqale umkhankaso wokwenza i-petition yokumisa ongomunye wabahluleli bomncintiswano kazime i-Miss SA, uLerato Kganyago emuva kokwenza inkulumo eyeseka uChidimma Adetshina ongomunye wabawungenele. Kuthiwa le-petition ibisisayinwe ngabantu abazinkulungwane ezimbili ngezinsuku ezine nje kuphela kuqaliwe ukuthi kukhulunywe ngayo.
Abantu abaningi abamfuni uChidimma njengoba bekholwa ukuthi akasiye umsinsi wakuleli ngenxa yendlela azaleka ngayo. Yize ezalwe khona lapha eNingizimu Afrika, abantu ezinkundleni zokuxhumana bakholwa ukuthi akumfanele ukungenela umncintiswano obekelwe ukugqamisa usiko lwabantu bakuleli njengoba yena ezalwa ngubaba ongowaseNigeria nomama wakhe edabuka eMozambique.
Bakhona nokho abamesekayo abangosaziwayo nabantu abanegama emphakathini kuhlanganisa naye uKganyago ongumahluleli kulo mncintiswano. Okubangele uKganyago isigcwagcwa ukuthi uzwakale ethi akayekwe uChidimma ngoba abahleli balo mncintiswano benza ucwaningo olunzulu ngoChidimma ngaphambi kokumvumela ukuthi angene kulo mncintiswano.
“Abantu baseNingizimu Afrika bavele bakuthola kulula nje ukuhlasela umuntu wesifazane omnyama ngenxa yokuthi kanamandla. Ngike ngasho ukuthi angifuni ukuba sentweni engenalo iqiniso. Kwenziwa ucwaningo olunzulu, namaphepha akhe atholakala ukuthi aphelele. Niyaqonda kodwa? Umbono wami usukela kulokhu okuyiqiniso. Kwenziwa uphenyo ngalo muntu. Kuyajabhisa ukuthi ukuthi abantu baqhamuke sebemhlafuna bethi umama wakhe akusiye owakuleli”, kusho uKganyago.
Ilokho kuphawula okumdonsele amanzi ngomsele njengoba sekuze kwaqalwa ne-petition exosha yena ekubeni ngomunye womahluleli baka-Miss SA. Nokho le-petition akubukeki izofikaphi kodwa abakushoyo abasunguli bayo bathi ukuphawula kukaKganyago kwenza kube ntekenteke ubulungiswa nobuqotho bokwahlulela kulo mncintiswano. NgoLwesibili ibisisayinwe abantu abayizi-2399.
“Umncintiswano onjengalona ka-Miss SA ubamba iqhaza elibalulekile ukugubha ukuhlukana nekhono labantu besifazane abasebasha, ngakho kubalulekile ukugcina ubuqotho bawo buhloniphekile. Inhloso ye-petition ukukhipha uLerato Kganyago njengomahluleli. Ngokwenza lokho sihlose ukugcina ubuqotho kulo mncintiswano. Sifuna abahleli bomncintiswano bayibhekisise indaba yakhe futhi baqikelele ukuthi okwenziwayo kunobiqiniso. Bonke abasayina le-petition bakhombisa ilaka labo lokufuna kwenziwe into enobuqotho futhi enokulingana ngokwamathuba”, kusho isendlalelo sale-petition.