UKHALA NGO BERITA KHUMALO OWAMSHADA UKUZE ATHOLE UBUZWE BAKULELI
UMLISA osendimeni yomculo futhi ohleze ebhala izinto ezinyakazisa ukhakhayi ezinkundleni zokuxhumana, uNota Baloyi udalule okuthuse abantu abaningi, ukuthi obewumkakhe, uBerita Khumalo washada naye ukuze athole ubuzwe bakuleli. UBaloyi ubephawula ngandaba esematheni kulezi nsuku kalowo ongenele umncintiswano kazime uMiss South Africa, uChidimma Adetshina wagcina esefaka indaba kaBerita ongumculi ongowokudabuka eZimbabwe.
Nakuba ubeveza ukuthi uyameseka uChidimma njengoba ebanga nezinye izintokazi kulo mncintiswano kodwa udalule ukuthi yena wasetshenziswa uKhumalo ngokushada naye ukuze athole ubuzwe baseNingizimu Afrika.
UBaloyi ubhale ukuthi: “Mina ngiyakwazi ukungcola kwalo muntu wesifazane ebengishade naye nokuthi wangisebenzisa kanjani ukuze athole ubuzwe bakuleli. Esehluleka ukufihla lokho wabhala ekhasini lami esho yonke into ayithandayo nokuthi mina ngabeka impilo yakhe engcupheni.
“Ngiyayazi izinto ezinganziwa ilabantu abanosathane ukuze bethole ubuzwe baseNingizimu Afrika bese beqola abantu bakuleli”, kusho uBaloyi.
NgoNhlangulana kulonyaka, kubikwe kakhulu kwabezindaba ngokuhlukanisa kwalaba emuva kokuba lezindaba zimenyezelwe uBerita ngo-2022 ukuthi into yabo seyiyacikizela.
Iphephandaba i-Sunday World labika ngo-2022 ukuthi uBerita akasahlali emzini wabo emuva kokuba ekhale ngokuthi uBaloyi unenkinga yokuphanjanelwa ikhanda futhi lento iphazamisa kakhulu ubudlelwano babo.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokuhlukanisa kwabo uBaloyi wadalula ukuthi uzoqinisekisa ukuthi akahambi nalutho angafikanga nalo umkakhe. “Okumele ngikwenze ukuqikelela ukuthi akahambi nalutho futhi ulahlekelwa ingxenye yakho konke akuthola kimi. Isifundo engingathi ngisifundile ukuthi kumele ushade nomuntu osezingeni lakho. Ukuthatha umuntu obulawa indlala kufana nokuthatha inyoka ulale nayo embhedeni ilambile, bese uyinika amandla okuthi ngelinye ilanga igwinye wena”, kusho uBaloyi ku-X.