EzosaziwayoIzindaba

U-EMTEE UHLOHLA ABALANDELI NGEMPI YAKHE NO J MOLLEY

IMPI yamadoda amabili acula i-Hiphop, uMthembeni ‘Emtee’ Ndevu no-Jesse ‘J Molley’ Mollet abekade ezama ukupheka ingoma iya ngokuya yanda njengoba kwaleyo ngoma igcine ingabanga bikho. Kuzokhumbuleka ukuthi indaba iqale ngokuthi u-J Molley akhale ngokuthi u-Emtee umchithela isikhathi sakhe njengoba njalo makumele benze ingoma yena [u-Emtee] ulibala izidakamizwa kuze kuphele amahora amane esabhale imigqa emibili.

Muva nje u-Emtee wodumo lwengoba ethi-Pearl Thusi usandla kutshela abalandeli bakhe ukuthi bengayingeni indaba ka-J Molley uma esenandisa emcimbini ongoMgqibelo e-Cosmopolitan eMaboneng.

“Ubani vele u-J Molley? Uma nimbona ningamniki thuba…lingijwayela leli phara”, kusho u-Emtee.

Sekuphela inyanga manje laba belokhu bejikijelana ngamazwi. Kwi-video lapho u-J Molley egxibha khona u-Emtee ngokunakashelana nezidakamizwa akhohlwe umsebenzi uzwakala ethi: “Ngikhokhela yonke into eyenzeka e-studio, ukudla, uphethiloli nesikhathi kodwa akwenzeki lutho. Kuleli sonto nje sesibe se-studio amahlandla amathathu kodwa akukaze kubhalwe nomugqa owodwa

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.