Izindaba

UMSIZI WASENDLINI UTHI AKUSAMITHEKI NGENXA KAPITSO MOSIMANE

OWAYENGUMSEBENZI wasendlini emzini kamqeqeshi webhola uPitso Mosimane ufuna ukukhokhelwa imali engu-R5.7 million oyisinxephezelo ngokulimala kwakhe enza umsebenzi ayeyayelwe uyena njengomqashi ukuthi awenze. U-Dorothy Sikirivao akapheli moya njengoba namanje esagqigqa inkantolo i-Johannesburg High Court ngenhloso yokugcina ekhokheliwe le mali njengoba ekhala ngokuthi ukulimala kwenza umonakalo omkhulu esibelethweni sakhe kangangokuthi angeke esakwazi ukukhulelwa.

Ngokwamaphepha asenkantolo afakwe abameli bakhe u-Dorothy, i-Okumbor Attorneys uthi ngomhlaka-26 Ndasa 2021 wayalelwa uPitso nomkakhe uMoria Tlhagale ukuthi asuse inkunkuma eyesala ngesikhathi kusetshenzwa endlini yabo laba eseGoli. Ngesikhathi enza lokho washelela wawa, walimala kanzima. Waya kudokotela owamtshela ukuthi kuphelile ngaye njengoba kwathinteka kabi ubuchopho ekhanda, ingalo yakhe yabhinyika, umgogodla waphuka, isingezansi sakhe satsheka kanti isibeletho sathinteka kabi kangangokuthi angeke esakwazi ukukhulelwa.

Eqhubeka echaza uthe ukulimala kwakhe sekuyishintshe impilo yakhe. Mhlaka-26 Ndaba bathi akathathe ikhefu aze abuye mhlaka-22 Nhlaba nokuthe mase ebuyela emsebenzini kwangabe kusasebenzeka kodwa uPitso nomkakhe uMoria babemphoqa ukuthi asebenze imisebenzi enzima kuhlanganisa nokushayela yize kwakungavumi futhi kunomyalelo kadokotela owawuthi angabe esawenza umsebenzi ofuna amandla.

Ukuthi watshelwa udokotela ukuthi usengakwazi ukuthola umntwana ngokusizwa omunye umuntu (surrogacy) ukuthi amthwalele nokuyinto athi imphathisa ngokhwantalala njengoba kumba eqolo ukulandela lolo hlelo.

UPitso nomkakhe bayaluchitha udaba luka-Dorothy. Kwesabo isitatimende bayakuchitha nokuthi u-Dorothy walimala nokuthi bake bamyalela ukuthi enze lemisebenzi athi yena bathi wayenza. Baphika nokuthi banomuzi kulendawo u-Dorothy athi wayesebenza kuyo, ngaphezu kwalokho bathi akaze nobufakazi. Bayakuphika nokuthi bake bamqasha ngokuhlanganyela njengoba kuwumkakhe kuphela owayeqashe u-Dorothy. Nokho bayavuma ukuthi wake wabazisa ukuthi ulimele kodwa kwakuwulimala okungatheni ngaleso sikhathi futhi bamkhokhela izindleko zokuya kudokotela, ngalokho babemsiza ngesihle kungesikhona ukuthi bavuma icala.

Bathi noma inkantolo ingabathola ukuthi baba budedengu kodwa nalokho angeke kube isizathu zokulimala kwakhe. Bathi u-Dorothy uyena ongaqaphelanga ngesikhathi esebenza

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.