EZISEMATHENIIzindaba

UDABA LUKA-MISS SA SELUQUBULE INKULUMO NGOKUCWASA NGOBUZWE

UMCIMBI okuncintisana kuwo ozime kufanele kube owenjabulo kodwa owalapha eNingizimu Africa obizwa nge-Miss South Africa usuqubule inkulumo ngokucwasana ngobuzwe ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kukhuluma kuqale ngokuthi kube nentokazi okungatshazwa ubuzwe bayo, uChidimma Adetshina njengoba esethole ukugxekwa ngokuba ingxenye yalo mncintiswano.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bayashaya amakhala ngoChidimma ngenxa yokuthi abazali bakhe abasiwo umsinsi wokuzimilela kuleli. Kuthiwa unina ungowakuleli kodwa wazalwa eMozambique bese ubaba wakhe eba owase-Nigeria.

Abaningi babuza ukuthi kufanele yini angenele lo mncintiswano njengoba abazali bakhe bengesibona abakuleli ngokuzalwa ngoba bakholwa ukuthi kufanele ungenelwe abantu abazalwe kuleli kuphela.

Lokhu sekuthathwe ngokuthi indlela abantu bakuleli abacabanga ngayo inokucwasa ngobuzwe njengoba ziziningi izigameko lapho abantu bokufika behlale besolwa ngezinto eziningi ezingalungile. Udaba luka-Chidimma lungesinye isiqembu esivamile kuleli ukuthi abantu bokufika babandlululwe ngisho benawo onke amaphepha akhomba ukuthi banobuzwe obugcwele njengezakhamizi zakuleli futhi babambe iqhaza elibonakalayo emphakathini.

Lokhu sekuze kwadlulela esigabeni sokuthi kungenwe endabeni yokuhlanga. Ukucwasa ngobuhlanga ilapho umuntu eqhakambisa kakhulu ubuzwe bakhe kunokwabanye aze abandlulule abanye abantu abangesisona isizwe sakhe. Abeke phambili izidingo zobuzwe bakhe kuphela ezabanye azicindezele. Ancome futhi azise abantu abanobuzwe obufana nobakhe bese ehlala ngokubagxeka abobunye ubuzwe.

Baningi abantu abanjalo kuleli, okuvame ukuthi kubonakale kahle emakhasini ezinkundla zokuxhumana. UNgizwe Mchunu owayengumsakazi woKhozi FM ungomunye wabantu abake basolwa ngokucwasa ngobuzwe ngesikhathi ekhwela edilika kumholi we-Economic Freedom Fighters, uMnuz. Julius Malema embiza ngeshangane ngoba engowaseLimpopo.

Kunentokazi ekhuluma iXitsonga, u-Jessica Maswanganyi ebinovalo lokungenelanga lomncintiswano wakulonyaka ngoba ikholwa ukuthi ibizocwaswa ngenxa yobuzwe bayo, ubesaba ukuthi angase adelelwe ngenxa yobuzwe bakhe. Kujwayelkile kuleli ukuthi umuntu ongalukhulumi ulimi olukhulunywa abantu abaningi njengesiZulu abizwe ngawo onke amagama.

Kudumaze abaningi ukuzwa ungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko, uMnuz. Gayton McKenzie naye ephawula ngendlela engakwakhi ukubumbana kwezizwe egcizelela ukuthi umncintiswano mawungangenelwa abantu bezinye izizwe okungazona ezakuleli.

Abahleli balo mncintiswano, I-Miss South Africa Organisation bakhiphe isitatimende bethi uChidimma uhlangabezane nakho abebekudinga ukuze angenele lomncintiswano kanti umnyango wezasekhaya kuli nawo ukuqinisekisile ukuthi ungowakuleli ngokugcwele. Bakhona abanye osaziwayo kanye nabantu abanegama emphakathini abamesekayo lozime owakhula eSoweto eGoli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.