Imibono

IYIHLAZO EYOKUJABULELA UKUTHI IZINGANE ZETHU AZIKWAZI UKUFUNDA OLWEBELE

Emasontweni edlule ngike ngazithola ngisemcimbini obuseqophelweni eliphezulu impela. Kulo mcimbi bekukhona izicukuthwane ezingabamhlophe. Lezi zicukuthwane-ke kudingeke ukuthi zibeke amabili namathathu kwazise beziyizikhulumi zosuku.

Ngokujwayelekile-ke njengoba siye senze uma kukhona abamhlophe noma ngabe eyedwa nje, kube sekucelwa untombazane thizeni ukuba atolike ukuze izaguga zizozwa ukuthi bathini. Hhayi untomboh uwenzile impela umsebenzi wakhe wabona ukuthi bayachazeka impela labo abatolikelayo. Inkinga iqale lapho oyedwa wezikhulumi esecela ukuba untombo afunde isiqeshana ebesibhalwe ngesiZulu ngoba bekukhona akulungiselele ukudlulisa ngaso isiZulu ukuze ajabulise izethameli. Akafunanga nokuzixaka usisi wakubeka kwacaca ukuthi cha yena nokufunda isiZulu amanzi namafutha. Akafunanga kwakuzama ngoba ubezazi ukuthi akakwazi ukusifunda.

Lokhu kwabukeka kumthusa kakhulu umlungu wabantu. Ngavele ngahloma ikhanda phansi ngenxa yokuphoxeka yize abanye babehleka kubukeka sengathi kuyabachaza ukuthi untombazane lona akakwazi ukufunda ulimi lwebele.

Lokhu kube sekungivusela imicabango yokuthi abantu abamnyama yibo ababa yimbangela yokuthi zife izilimi zabo. Kwenzeka kanjani nje ukuthi sijabulele ukungakwazi ukufunda izilimi zethu kodwa siqeqebule kulezo zalaba esihlale sibabiza ngabacindezeli. Baqala nini kanti ukuba abacindezeli? Ngabe baqala uma sikhuluma ngezepolitiki kuphela?

Kahle hle kufanele sikuvume nje ukuthi sisacindezelekile lapha eNingizimu Afrika. Imiqondo yethu isacindezelekile uma sisazi ukuthi singcono uma senza okwabanye ukudlula okwethu. Kwakona nje ukuthi sikuthola kulula ukushintsha ulimi olukhulunywa abaningi ngenxa nje yokuthi kukhona abamhlophe ababili abangaluzwa lolo limi kukhombisa ngokusobala ukuthi asizigqaji ngobuthina.

Kwenzeka kanjani nje ngempela ukuthi esikhathini samanje kusekhona abazali abajabulela ukuthi izingane zabo zisikhipha ngamakhala isiNgisi. Nango 2024 kusekhona abantu abajabulela ukuthi izingane zabo azilukhulumi kwanhlobo ulimi lwasekhaya. Bangichaza uma sebezishaya isifuna besho ukuthi, “Usibanibani akasazi isiZulu, phela ufunda nabelungu.” Kanti ukufunda nabelungu kusho ukuthi singabe sisakwazi yini ukwenza okungokwethu?

Kungani singajabuleli ukuthi izingane zethu zizikhipha ngamakhala izilimi eziningi ezihlukene okubala nalolo olwasekhaya. Muningi umsebenzi osasihlalele njengabasebenzi bezilimi zase-Afrika. Kufanele kube khona nezinhlelo eziningi ezihlukene ezigqugquzela ukuthuthukiswa kwezilimi zethu.

*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.