Izindaba

UHULUMENI WAKWAZULU-NATALI UTHI IBAMBE NGAKHO NGOKUBULAWA KWEZIGEBENGU

NGOLWESIHLANU uhulumeni wakwaZulu-Natali ubambisene nezinhlaka zezokuphepha ubunesithangami esibizwa nge-crime prevention summit ebesibheka izindlela ezizosebenza zokuqanda ubugebengu kulesifundazwe.

Ziyanda izigameko zokutholana phezulu kwamaphoyisa nezigebengu kulesifundazwe njengoba kusukela ngesonto eledlule nje kuphela sesibalelwa kweziyisithupha. Ziyishumi nesikhombisa (17) izigebengu esezidutshulwe amaphoyisa zafa kulokhu kudubulana kwazo namaphoyisa njengoba zilwa uma zilandelwa amaphoyisa.

Phakathi kobugebengu obuhlalise kabi imiphakathi ukubanjwa inkunzi kwabantu, ukubulala, ukuphangwa kwezinxanxathela zezitolo nokwebiwa kwezimoto.

Uhulumeni osanda kungena uzimisele ukulwa nalo lonke uhlobo lobugebengu ngendlela ephuthumayo.

Emuva kwalesithangami undunankulu wesifundazwe uMnuz. Thami Ntulu ukhulume nabezindaba lapho ebecacisa uhlangothi lukahulumeni ngesimo sobugebengu esifundazweni. UNtuli uthe amaphoyisa kuyawaphoqa ukuthi aqinise isandla uma ebhekene nezigebengu futhi njengohulumeni bayakweseka lokho.

“Siyakweseka ukuthi amaphoyisa aqinise isandla uma ebhekene nezigebengu ngoba nazo ziyasiqinisa uma zibhekene nabantu emiphakathini. Silahlekelwe abantu abaningi, usuku nosuku kubulawa umuntu, kwawona amaphoyisa awaphephile ngoba uma ethi ayazibopha, ziyawadubula ziwabulal”, kusho uNtuli.

Uthe amaphoyisa kumele azivikele ngayo yonke indlela.

“Uma singathi amaphoyisa awangaziphindiseleli ngenhlamvu ezigebengwini ezizimiselayo uma zibhekene namaphoyisa ngabe asiqondile ukuqeda ubugebengu kulesi fundazwe”, kusho yena.

Ekhuluma kulesithangami ukhomishani wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi uthe ubugebengu obuningi kulesifundazwe kwenziwa abantu abamnyama njengoba kusukela ngo-2015 kungabantu abaningi abamnyama ababoshwayo uma kuqhathaniswa nabamhlophe. Ubuye waveza ukuthi amaphoyisa asebulale izigebengu ezingamashumi amane kusukela ngoNdasa 2024 kuphela.

“Uma sizitshela ukuthi sizozincenga izigebengu ngeke siyinqobe le mpi esibhekene nayo kodwa kufuneka siqinise isandla”, kusho yena.

Kusona lesithangami kuqhanyukwe namasu okunenkolelo yokuthi azokwazi ukwehlisa izinga lobugebengu esifundazweni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.