EzosaziwayoIzindaba

UZANELE MBOKAZI UPHEFUMULA NGESIFO ESIMPHETHE

EMUVA kwemikhuleko ebiqhamuka kozakwabo emkhakheni womculo wokholo kanye nabobonke abebethintekile ngokugula komsakazi woKhozi FM, uZanele Mbokazi ugcine ephefumulile ngokugula obekumuka naye uthuli. UMbokazi ongumethuli wohlelo oluthi Eshilo kuKhozi FM uyavuma ukuthi izinyanga ezedlule zibe ngezinzima kakhulu empilweni yakhe njengoba egcine engakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wakhe emsakazeni ngenxa yokuvaleka kwezwi esemoyeni.

Isithombe: UZanele Mbokazi nomyeni wakhe uBishop Mpendulo Khambule kwenye yezinkonzo zokukhulekela yena

Kuthe ngoNhlaba kwatholakala ukuthi unesifo somdlavuza wamaphaphu. Emuva kwalokho kube nezigameko eziningi ezibe inselelo empilweni yakhe lo mhleli ohlonishwayo womcimbi i-SABC Crown Gospel Music Awards eba minyaka yonke.

Nakuba engumuntu okhuluma amazwi aphilisayo yena uqobo uMbokazi kodwa izindaba zokugula kwakhe ziye zamhlukumeza emoyeni ngoba ubengazilindele.

Ekhuluma nephephandaba i-Daily Sun uthe nakuba isimo besimphonsela inselelo ngendlela eyisimanga kodwa ukholo analo kanye nokusekwa okusezingeni eliphezulu akutholile ikhona okumenze waqina futhi wathola amandla okuqhubekela phambili.

“Kunezinsuku okuke kungavumi nokuthi udle imishanguzo. Izinsuku lapho abantu abakuthandayo mabekubuza ukuthi unjani namhlanje? Ukahle? Uvele uzwe ukuthi uyacikeka”, kusho uMbokazi.

Eqhubeka uthe kunezikhathi lapho ebeke afikelwe imibuzo engazimpendulo. “Izinsuku lapho ofikelwa khona ukuthi akekho umuntu oqondayo ukuthi uzwani”, kusho yena.

Nokho ugqugquzele abanye ukuthi uma bezizwa ukuthi abaphilile bangahlali kodwa baye kozihlola bafune usizo. Uthe ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe uye wafumana umusa kaNkulunkulu ngemikhuleko ebivela kumabandla ehlukene futhi kudlale indima enkulu empilweni yakhe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.