Izindaba

UMAMA JOY USWELE IZIMPIKO NGENXA YENDODA YASE-FRANCE

UMLANDELI wezemidlalo odumile kuleli uJoy ‘Mama Joy’ Chauke usezwakalalise ukuthi uthando aluthola esithandweni sakhe sase-France lumenza aswele izimpiko zokundiza ukuze asibone ngaso sonke isikhathi. Usho lokhu nje vele use-Paris lapho esivakashele khona isithandwa sakhe asibiza ngoPapa Joy.

Ulibangise kuleliyazwe ngesonto eledlule, ehamba ngebhanoyi enze kahle ikhanda ngemiyeko enemibala egqamile yefulegi lakuleli kanti akazange akufihle ukuthi lolu hambo lwakhe belukhokhelwe uPapa Joy.

“Njengokujwayelekile uMama Joy use-Paris, uPapa Joy ukhokhele zonke izindleko zohambo. Njengamanje ngingumlandeli wakhe. Buka ngijabule kanjani”, kusho uMama Joy ku-X

Kubona noma ngubani onendaba ukuthi laba bobabili basothandweni njengoba bengenamahloni okupepenyeka, bekhombisa indlela abathandana ngayo omunye nomunye.

“Ningakhohlwa bafowethu ukuthi idolobha lase-France lingolothando vele; ngisothandweni. Ngiyabonga ngothando Papa Joy. Emuva kokuba sekukhulunywe kakhulu ngami eNingizimu Afrika, bengikudinga lokhu e-France futhi wenza khona kanye lokhu ebengikudinga. UPapa Joy ungiduduza ngothando”, kusho uMama Joy.

Uthe efika nje eFrance isithandwa sakhe sabe simthengela iziqholo kanye nobucwebe.

Ukufikeni kwakhe e-France uMama Joy uphinde wamukelwa umamezala wakhe, omthengele isipho sendandatho, athe siwuphawu lokuthi uyamamukela empilweni yakhe. Laba bobabili baze bahlangana ekhishini benza ukudla obekuzodliwa umndeni ndawonye.

Emasontweni edlule uMama Joy uke waba undabamlonyeni kuleli emuva kokuba ungqongqoshe osanda kuqokwa womnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko kuzwelonke, uMnuz. Gayton McKenzie ememezele ukuthi lo mnyango ngeke usabakhokhela abalandeli bezemidlalo abavelele kuleli abahambela yonke imidlalo naphesheya kwezilwandle ngezindleko zomnyango.

Ngonyaka odlule umnyango ukhokhe izindleko zokuhamba kukaMama Joy noBotha Msila beya emdlalweni yamanqamu endebe yomhlaba yebhola mbhoxo e-France, okudle lo mnyango imali engu-R1.3 million.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.