EzosaziwayoIzindaba

OWAYEDLALA KUZALO UTHI AKAYINGENI EYABAMGCONA NGOKONDA

UMLIMGISI oke wadlala kuZalo uSihle Ndaba uthi uzishaya indiva izinkulumo zabamgcona ngokwehla emzimbeni. Lokhu lo mlingisi ukusho emuva kokuba kunabantu abangene ekhasini le-TikTok babhala umathanda ngesimo sokubukeka komzimba wakhe wakamuva.

Ngokuvamile i-TikTok abantu bayithandela ukuhleka imigilingwane ekushiya kubuhlungu isisu ngenxa yabantu abafaka ama-video ahlekisayo kuyo nabanye bephawule ngendlela emnandi. Nokho kuyenzeka okunye kungahlekisi njengoba kwenzekile nakulo mlingisi.

Uqophe i-video ephendula omunye wabalandeli bakhe obephawule ngokuthile abekufakile. Omunye obekungabhekisiwe kuye ubuyisele impendulo ethi: “Uyafa lo”.

Ephawula ngaleyo mpendulo uSihle uthe lokhu okwenziwe ilo mlandeli akwemukelekile futhi izinkundla zokuxhumana akumele zisetshenziselwe ukuhlukumeza kanye nokwehlisa isithunzi sabanye abantu njengokukhuluma ngezici zabo.

“Angifuni ukuphendule into engenangqondo kodwa kubonakala sengathi uma ukhululekile abantu bakujwayela kabi. Okokuqala nje, ngesikhathi ngifaka leya-video ongayibuka nawe, bengizidlalela ngoba bengifuna ukuncokola nani.

“Kodwa izimpendulo ezifana nalena azamukelekile. Ngikholwa ukuthi sifundiseke kahle futhi siyazi”, kusho yena.

Njengamanje uSihle udlala indawo kaLihle emdlalweni oboniswa ku-Showmax njalo ngoMsombuluko i-One Weeks. Lo mdlalo oqalwe ukuboniswa mhlaka-22 Ntulikazi ubhalwe u-Chris Q. Radebe.

Echaza ngalo mdlalo uSihle uthe uveza impilo yangempela ngabantu besifazane abami kahle empilweni nangobunzima ababhekana ebudlelwaneni bezothando. “Ikhombisa ubunzima abesifazane abanakho empilweni abahlubule ngayo kwezothando.

“Owesifazane ofundile futhi osezuzue konke ongakucabanga empilweni, onanomntwana, indlu kanokusho kodwa mase kuziwa kwezothando udlala indlala”, kusho yena.

Eqhubeka uthe: “Asisenayo imidlalo ehlekisayo manje. Angazi nami kwenzekeni, kodwa kumele sithokoze. Siphuma kwi-Covid19 kanti nomnotho awumuhle kahle, kufanele sithole into ezosihlekisa, kuyawusebenzela umphefumulo. Abantu baseNingizimu Afrika baziwa njengabantu abakwaziyo ukwenza izinto ezihlekisayo futhi banomoya omuhle”, kuphetha uSihle.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.