EZISEMATHENIIzindaba

KUGXEKWA IZIHLOBO NGOKUSHUSHUMBISELA IZIBOSHWA ‘IZINTO’ EZINGADINGEKI EMAJELE

UMNYANGO wezamajele eNingizimu Afrika usugxeke imindeni, izihlobo nabangani ngokushushumbisela iziboshwa izinto ezidingeki emajele akuleli ezinjengomakhalekhukhwini, imali, izidakamizwa nokunye okuningi. Lokhu kushiwo izikhulu zalo mnyango emuva kokuba amaphoyisa e-SAPS ne-Emergency Support Team (EST) etheleke kungazelele muntu ejele i-Westville Correctional Centre ngaphandle kwaseThekwini, KwaZulu-Natali ngoLwesine kusihlwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi nangesonto eledlule amaphoyisa atheleke ejele eliseGoli, i-Sun City lapho okutholakale khona inqwaba yezinto ezingadingeki ejele emagunjini eziboshwa.

Amaphoyisa angaphezu kwamakhulu amabili atheleke ejele lase-Westville kwancane indawo futhi engasinisi mahleza njengoba bekusha impama kukhala ibhuzi uma isiboshwa sichaza into engezwakali.

Isithombe: Bese zifole kanje iziboshwa ngoLwesine kusihlwa ngesikhathi amaphoyisa ezisesha

Ukhomishani womnyango wamajele kuzwelonke, uMakgothi Thobakgale uthe ezinye iziboshwa maziya emacalezi asezinkantolo ekuseni ziyaseshwa kutholakale ukuthi aziphethe lutho olungafanele kodwa masezibuyela emuva ntambama zisuke seziphethe omakhalekhukhwini nezinye izinto ezingadingeki ejele.

“Siye siziseshe kodwa singatholi lutho ngoba ezinye zalezi zinto bazifaka ngaphakathi emizimbeni okungadingeka ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu ukutze zibanjwe”, kusho uThobakgale.

Uqhubeke wathi okunye asebekuqaphele ukuthi uyanda umkhuba wokuthi imindeni yeziboshwa kanye nabangani kube ibona abanika iziboshwa izinto ezingalungile ngesikhathi sezivakashi ngaphathi emajele. “iziboshwa zithola lezi zinto ngesikhathi zivakashelwe imindeni yazo nabangani. Abashiyi omakhalekhukhwini kuphela kodwa bashiya nezidakamizwa. Empeleni nje basuke benza ubugebengu nabo ngokwenza njalo. Esibabambayo siye sibavulele amacala nabo bajoyine iziboshwa ejele”, kusho yena.

UThobakgale ukuvezile ukuthi ingxenye yabasebenzi babo iyathinteka kulokhu njengoba kukhona abasiza iziboshwa ukufaka lezinto esikhuluma ngazo ngaphakathi.

“Isonto nesonto siyababamba sibajezise. Senza konke esingakwenza ukulungisa indlela yokusebenza kulo mnyango”, kusho yena.

Uthe umnyango uzoqhamuka nobuchwepheshe obuzokwenza bekwazi ukuthola uma kukhona omakhalekhukhwini abangaphakathi emagunjini eziboshwa. “Kungakenzeki lokho sizoqhubeka nokuvakashela amajele singashongo, kuzo zonke izifundazwe. Abezindaba siyababiza bebe ingxenye ukuze sithumele umyalezo ocacile ngemisebenzi esiyenzayo emajele”, kuphetha uThobakgale.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.