AKULIWE NOKUPHUZWA KUKATSHWALA NGOKWEQILE
UTSHWALA buhlonzwa njengenye yezinto eziqeda nya ngamaphupho omuntu nangenqubekela phambili yakhe. Uma ezogxila kubo uyalibala ukubeka phambili izinto ezibalulekile kepha anxanele ukuthola okungenani ibhodlela elilodwa noma amabili, bese umphefumulo wakhe uthokoza. Lokho kuba impilo yakhe umuntu yemihla ngemihla.
Yize bekhona abantu abaphumelele bekuphuza utshwala kodwa kuyiqiniso ukuthi abanye kubashovele emuva.
Kukhalwa ngemali eningi engena etshwaleni esikhundleni sokwenza izinto ezibalulekile. Mawuzwa kuxoxwa baye bethi abanye utshwala kwakwenzelwe ukuba kuphuzwe ngenhloso yokuphumula, uthokozele ikhefu emuva kokusebenza kanzima, manje akusenjalo njengoba sekuphuzwa mihla namalanga.
Imizi eminingi ivaliwe namuhla ngenxa katshwala, abanye bashayele izimoto bedakiwe benza izingozi bafa okanye baba izigoga kwaphela imisebenzi ebibafakela imali. Kuningi okwenzeka emuva kwaleso simo nokunomthelela omubi ekuhambeni kwesikhathi. Abanye bebebuhlaba bebheke emsebenzini ngeshwa baxoshwa, kwaphela kanjalo ngezingampilo (lifestyle) abese belejwayele.
Miningi imibiko yabezindaba ehlezi iveza abadubulene nabagwazene ezindaweni zokucima ukoma nakhona emakhaya emuva kokuba sebedakwe utshwala.
Kwenye inkathi uthola kunogulayo oseyeke ngisho ukudla imishanguzo yesifo alashelwa sona ngenxa yokugxila etshwaleni. Utshwala kuyayikhinyabeza ingqondo, agcine umuntu ekholwa nawukudla imishanguzo, bese ukufa okusemzimbeni wakhe kuzenzela. Abanye ubabona ezindaweni zokucima ukoma bephelile ukufa, ngisho amaphilisi nemithi yodokotela sebakhohlwa nokuthi yayilandwa nini kodwa abakhohlwa ukuthi i-tarven ingaphi nokuthi ibhodlela likabhiya liyimalini.
Angihlekisi kodwa kuyiqiniso ukuthi kunomuntu ongafika kuwe athi ucela umzama ngemali womile, uthi mawumkhethisa phakathi kokumthengela isinkwa nebhodlela likabhiya, yena akhethe okuzomdakwa kunokuzomphilisa.
Nakuba ngokomnotho kungenye utshwala kungomunye wemikhakha eyenza kahle kakhulu kodwa kulabo abangabathengi isimo asisihle neze. Kuningi okusamele kwenziwe ukululeka nokufundisa abantu ngokuphuza okuhlelekile futhi okunokuzinakekela.
Nasezindaweni zokusebenza ziba khona izinhlelo zokusiza asebecwile kakhulu ophuzweni okuthiwa i-reharb kodwa ngibona sengathi akwenele. Kumele inkinga katshwala inqandwe kuseva. Kube nezinhlelo ezivamile zokukhuluma ngomthelela omubi katshwala. Lokhu kuyinselelo kwabesilisa nabesifazane okuyibona ababa izisulu zokudlwengulwa, beshawe kokunye bebulawe ngenxa yokudakwa.
Abaholi emiphakathini abangekwesabi ukukhuluma ngemiphumela emibi yotshwala, kuthi noma eqhubeka okuphuzayo kodwa ebe azi ukuthi ungena emlilweni onjani.
Kunabadlali bebhola ababengongcweti ebholeni futhi ababengakhula kulona beliphathe kodwa ngenxa katshwala namuhla sebaphenduka imiquba, akasekho ofuna ukuzihlanganisa nabo. Abanye bebengabaculi abacula kusiphuke unwele kumlaleli kodwa utshwala sekwaqeda ngabo.
Kuningi umuntu angakusho ngotshwala kodwa sengigoqa bengifisa ukuthi inhlangano ephisa utshwala i-South African Breweries (SAB) ibambisane nemiphakathi, amaphoyisa nabezitolo ezibudayisayo ukuthi benze izithangami zokululeka abantu ngomphumela omubi wokuphuza kakhulu utshwala. Kuzoqala mina ngokusebenzisa Umkhaya ukuba ngiqale ngakithi ngenze lesithangami ngoMandulo. Ngizocela ukuba ningeseke ukuphusha lomkhankaso.
Mina qobo ngiyabuphuza utshwala futhi akhona amaphutha engiwenzile sengibuphuzile amanye namuhla asenawo umthelela empilweni yami kodwa angivumi ukwehlulwa utshwala. Asilwe ngokubambisana nesihlava sikatshwala okunye kuzozehlela khona.
Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]