ABASONDELENE NOBULELE INGANE (7) BATHI UBEYISHOSHOVU ESIVIKELA ABESIFAZANE
BASAMANGELE namanje abake baphila eduze kwendoda eboshelwe icala lokudlwengula ibulale ingane eneminyaka eyisikhombisa (7) ngokuyiklinya yase iyifaka ngaphansi kombhede eDumsani Makhaye Village eMpangeni ngaphansi kukamasipala uMhlathuze City. Bathi badumele ngesenzo asenzile ngoba bebengakaze bacabange ukuthi angenza isihluku esinje .
Le ndoda enguLindokuhle Mhlongo ababefunda nayo eMajuba College bayichaze njengomuntu owayesethimbeni elalishumayela ivangeli lemikhankaso yokuvikelwa kwabesifazane nezingane kuleli kolishi futhi eyisishoshovu senhlangano yabafundi, esayina nezibophezelo uma kuyimikhankaso zokufunga ukuthi ngeke ahlukumeze abesifazane nezingane.
Isidumbu sengane ebulewe, uZanokuhle Khumalo sitholakale phansi kombhede emqashweni kaMhlongo khona eDumisani Makhaye Village kodwa yena wabanjwa esecashe kwenye yama-B&B eHillview eMpangeni waboshwa.
Ngokusho kukaSandile Mhlongo ongomunye wabantu ababambe iqhaza elikhulu ekulandeleni lolu daba lwaze lwafika esiphethweni, ingane itholakale emuva kophenyo olunzulu olwenziwe amaphoyisa, yena [uMhlongo] nabanye babe sebeqala olwabo uphenyo olungumshoshaphansi, lwabakhomba e-B&B lapho le ndoda ebisihobe khona. Esithombeni sayo le ndoda esesisabalele ezinkundleni zokuxhumana ivuza igazi, okusolakala ukuthi bathe ukuxoxa nayo kancane ngaphambi kokuyidlulisela emaphoyiseni.
Umsolwa ubevele enkantolo kamantshi eMpangeni ngoLwesine, icala lakhe lahlehliselwa uLwesithathu nesonto elizayo lapho okuzolalelwa khona isicelo sakhe sebheyili.
Inkonzo yomngcwabo kaZanokuhle izokuba ngeSonto ngehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni enkundleni yemidlalo e-Dark City eMhlathuze City bese eyofihlwa ekhaya lakubo kwaNongoma.