ABAMATEKISI SEBETHULE ISHESHA EFANA NSE NE-UBER NE BOLT
Imboni yamatekisi kuleli isiqhamuke nohlelo olusha lwe-metered taxi okuthiwa i-Shesha ezakhele lona oluzothatha indawo ye-Uber ne Bolt ngokusho kwabo njengoba sebekushilo ukuthi ukuthi iyo kuphela ezovunyelwa ukusebenza emigwaqeni.
IShesha ithulwe ngokusemthwethweni ngoLwesihlani emuva kwesikhathi eside kukhulunywa ngayo. Ngokusho kwabamatekisi izoqhudelana nezinkampani i-Uber ne-Bolt. Isiqalile ukusebenza eGoli kanti abashayeli balolu hlobo lwamatekisi abevele esebenza kuthiwa bayaphoqwa ukuthi bashiye izinkampani abasebenza ngaphansi kwazo bengene kulolu hlelo.
Kuthiwa i-Shesha izosebenzela naseThekwini apho ezobe yenza amabanga amade kanye nezindawo eziseduze ngamanani aphansi bese isabalaliswa kuzo zonke izindawo. Ku-website yeShesha kuchazwe ukuthi ihlukile kunezinye izinhlobo ze-ehailing esezivele zikhona njengoba yona izoba namanani aphansi futhi abazokuba nangcindezi yesikhathi nokuba matasa ngezinye izinsuku. Kugcizelwe ezokuphepha kanye nempatho yezinga eliphezulu nokuyikhona okubenza behluke kwabanye.
USiyabonga Hlabisa okhulumela izinhlangano ze-ehailing e-Cape Town uthe sebezwile ngololu hlelo kodwa azakabi bikho izigameko abasazizwile zokusatshiswa kwabashayeli babo ukuthi bengene kulo kodwa basazoxoxisana neSantaco bezwe ukuthi luzosebenza kanjani.