Izindaba

Umphakathi uyitholile indoda ebulale ingane (7) eMpangeni

Isitholakele indoda okusolwa ukuthi iyona ethumbe yabulala intombazanyane enguZanokuhle Khumalo (7) yaseDumsani Makhaye Village eMhlathuze City, eMpangeni okusanda kubikwa ngokuduka kwayo. Ngokusho kukaSandile Mhlongo ochazwe njengoMfundisi le ndoda itholakale icashe kwenye yama-B&B ase-Hillview khona eMpangeni emuva kokutholakala kwalentombazane isibulewe.

Amanye amaziko ezindaba abike ukuthi iyo le ndoda eveze ukuthi ayibhekwe kuphi le ntombazane njengoba ibibabuka abomndeni nezihlobo bentanta beyifuna yonke indawo.

Ngokusho kukaMhlongo ingane itholakale emuva kophenyo olunzulu olwenziwe amaphoyisa, yena [uMhlongo] nabanye babe sebeqala olwabo uphenyo olungumshoshaphansi, lwabakhomba e-B&B lapho le ndoda ebisihobe khona. Esithombeni sayo le ndoda esesisabalele ezinkundleni zokuxhumana ivuza igazi, okusolakala ukuthi bathe ukuxoxa nayo kancane ngaphambi kokuyidlulisela emaphoyiseni.

“Siyabonga kubantu ezinkundleni zokuxhumana, ngiyethemba ngizowathola amandla okuchaza konke okwenzekile kodwa engingakusho ukuthi umntwana akasekho emhlabeni”, kusho uMhlongo.

Uthe kunolunye ulwazi angeke aludedele ngenxa yokuhlonipha umndeni osezinhlungwini kodwa ingane yona iphume ekhaya iyodlala.

Ucele abasebenzisana naye ukuthi belekelele ngetende, i-sound system nokunye okungasiza umndeni ngokuxhumana naye kule nombolo ethi: 078 885 5599.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.