Izindaba

Uhambe ngemoto ebizohlanzwa engayicelanga yagingqika kwafa ababili

Le moto evela lapha esithombeni iVW Golf 7 kahulumeni. Umshayeli wayo udlule endaweni ehlanza izimoto ngenhloso yokuba abafana bemhlanzele yona. Uhambile, kwathi abeyishiye kuye wayithatha ngaphandle kwemvume wangena emgwaqeni uR40 e-Arconhoek wayothenga izimpahla zalo leli bhizinisini lokuwasha izimoto.

Kuthe esesendleleni wathi ukuyifaka umlilo eyidlisa amagalani, ube esenqwamana nenye iVW Polo zangena emjahweni. Kuthe kusemnandi kunjalo kwasho ukuthi umgwaqo unolayini owodwa wezimoto eziya enyakatho nomunye wezibuya khona kuphela.

Kuthiwa kuqhamuke iloli libicile kwaba ncane indawo kwaphoqa ukuthi lo weVW Golf 7 ayikhiphe ngaphandle njengoba kunguye obesengene emgwaqeni wezimoto eziza nganeno.

Kube zibhodongo yashayisa izinsimbi ezingaphandle emgwaqeni yafa yaphela. Kuthiwa kule ngozi kufe abantu ababili kwathi abanye ababili balimala kabi.

Umthombo: Nwamitwa Times

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.