UBongani Mtolo uvumbuke kwiVuma FM
Kumangaze abaningi ukubonakala kwegama lo msakazi osesebenze emisakazweni eminingi emikhulu kuleli, uBongani Mtolo ezinhlelweni ezintsha zomsakazo waseThekwini iVuma FM. Lo msakazo ukhiphe isitatimende ngoLwesine ekuseni umemezela izinguquko ezinhlelweni nabasakazi bazo.
Kulesitatimende baqale ngokuchaza ukuthi iVuma FM ikhula ngamandla selokhu yasungulwa ngoLwezi 2012 futhi isifinyelela ezindaweni eziningi esifundazweni sakwaZulu-Natali.
Babe sebengena ezinhlelweni ngokwethula inkakha uBongani Mtolo njengomsakazi omusha ojoyina lo msakazo. “Njengeqhinga lo msakazo lokukhula futhi uhehe abalaleli basemadolobheni, iVuma FM izokwenza izinguquko ezihlabahlosile ezinhlelweni zayo ngoNcwaba ngokwethula umsakazi ovelele, osenze izinhlelo ezibalulekile emsakazweni wanqoba nezindondo, uBongani Mtolo ozokwenza uhlelo lwantambamama”, kusho isitatimende.
Lolu hlelo olungena ngehora lesithathu (15:00) kuze kugamanxe ihora lesihlanu (17:30), uMtolo uzolwenza noSli Langa noBig Mike Nzimande ozokwenza ezemidlalo. UMtolo ugcine ukusakaza kwi-Radio 2000 lapho abenza khona uhlelo lwasekuseni oselwenziwa uDJ Sbu. Uke wasakaza nasemsakazweni onamahhovisi eMhlanga kwelikabhanana, i-East Coast Radio.
Ngokwesitatimende seVuma FM uhlelo lwasekuseni lona luzoqhubeka nabakasazi balo uMzokhona ‘Mzokoloko’ Gumede, Nombuso ‘Dibbs’ Mkhwananzi noGabriel Sithole kwezemidlalo.
Umsakazo ongeke esezwakala kulo msakazo uLinda ‘The Game’ Ndimande obenza uhlelo lwaphakathi nezinsuku ngehora lesishiyagalolunye (21:00) ebusuku kuze kube phakathi kwamabili (00:00). ULekomotion uyena osezokwenza lolu hlelo.
Ezinye izinhlelo azizukushintsha.

Isithombe: Abasakazi beVuma FM
Buka ngezansi uhla lwezinhlelo nabasakazi.
PHAKATHI NESONTO:
05:00-06:00 Mega Grace Hour – Phumlani Nkwanyana
06:00-09:00 Vuma FM Breakfast – Mzokhona Gumede Nombuso Mkhwanazi Gabriel Sithole
09:00-12:00 Cruise – Jacinta Ngobese
12:00-15:00 ICrush yo lova – Vanessa Marawa
15:00-17:30 Vuma Drive – Bongani Mtolo, Slie Langa and Big Mike
17:30-19:00 Marawa Sport Worldwide – Robert Marawa
19:00-20:00 It’s All About the Money – Nhlanhla Makhanya
20:00-21:00 Mon-Thurs and 19:00-19:30 Fridays KZN In 60 Minutes – Neo Potwana
21:00-0:00 Mon-Friday Lekomotion
18:00-22:00 Saturday – The Music Experience with Chris Mfeka
NGEMPELASONTO:
06:00-09:00 Weekend Special – Yamkela Mabhanya – ngoMgqibelo
09:00-10:00 Vuma FM Lifestyle – Big Mike – ngoMgqibelo
06:00-10:00 mega Grace on Sunday – Phumlani Nkwanyana – ngeSonto
19:00-20:00 Sunday News Wrap – Zowakha Mbatha – ngeSonto
10:00-14:00 Weekend Extravagandza – Linda Mothae (and Zodwa Msimang) – ngoMgqibelo & ngeSonto
14:00-18:00 Weekend Breeze – David (Daviola) Ramputa – ngoMgqibelo & ngeSonto
18:00-19:00 Sponsored Show – ngeSonto
20:00-23:00 Buzamakhehla – Lucky Sefatsa – ngeSonto