I-EFF igxeka abacwasa ongenele owamanqamu kaMiss South Africa
Iqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) ligxeka bonke laba abacwasa ubuzwe bentokazi, uChidimma Adetshina (23) ongenele umncintiswano kazime wokuhlungela ozonqoba kumanqamu kaMiss South Africa. Leli qembu eliholwa abantu abangesabi ukuvikela abangaphandle kwakuleli lithi uChidimma unakho konke okudingeka kulo mncintiswano futhi kuyaxaka ukuthi zikhona izintokazi ezike zangenela lo mncintiswano ngaphambili kodwa azikaze zicwase kanje.
I-EFF ikhiphe isitatimende lapho ethe ozime abafana noVanessa Carreira onabazali abadabuka e-Portugal nase-Angola abakaze bephathwe ngalendlela ewukucwasa ngobuzwe.
“Isenzo esinje sifana nse nokuziphatha kwabebephethe umbuso wobandlululo, lapho kwakuhleze kunokucwasana okusaqhubeka namanje emiphakathini yethu.
“Kuyaxaka ukuthi ozime abebencintisana kuMiss SA phambilini abafana noVanessa Carreira yize bebengasibo abengabadi kodwa abazange becwaswe ngoba bebemhlophe”, kusho leli qembu.
Nakuba esethole ukucwaswa zinkalo zonke, ezinkundleni zokuxhumana uChidimma, okungenani bakhona abamesekayo okuhlanganisa nosaziwayo kanye nabantu abanagama emphakathini njengoThuli Madonsela, Prince Kaybee nowayeyiMeya kumasipala waseGoli uMpho Phalatse.
Laba sebephumele obala bagxeka abacwasa uChidimma ngokobuzwe, baphinde banxusa abantu ukuthi bamukele ububona. Nakuba kuningi ukukhuluma kodwa uChidimma akaze akhombise ukukhathazeka njengoba umqondo wakhe ugxile ekunqobeni nasekufundiseni abantu ngokubaluleka kobunye.
Ekhuluma nephepheandaba iSowetan uthe konke lokhu okukhulunywa ngaye yena ukubuka njengethuba lokufundisa abantu ngobuye. “Mangingakhuluma iqiniso, mina ngiyibuka yonke lento ngokuthi abantu abamnyama abazonda omunye umuntu omnyama njenegoba kungesimina ngedwa kulo mncintiswano onesibongo okungesiso esaseNingizimu Afrika”, kusho uChidimma.
“Ngibona sengathi kunakwe mina ngoba ngimnyama, nengibona ukuthi kuzongisebenzela…into lento engike ngabhekana nayo ngayehlula ngisakhula”, kusho yena.
Le ntokazi esisuse ukukhuluma kubantu ngobuzwe bayo ikhulele eSoweto, eGoli, ikhuliswa uyise wayo ongowodabuka eNigeria nonina ongumsinsi waseNingizimu Afrika. Ineziqu ze-Bachelor of Law ezithole e-Varsity College kuleli.
I-EFF inxuse abantu bakuleli ukuthi bayeke ukubandlulana kodwa babeke umqondo wabo kulokhu okubahlanganisayo, bangangenwa umoya wokwehlukana.
Abahleli bomncintiswano uMiss South Africa bazwakalise ukuthi uChidimma njengabanye ozime uhlangabezane nazo zonke izimfuno abebezidinga kulo mncintiswano, banxusa abantu ukuthi bamhloniphe njengabanye.