EZISEMATHENI

Ibuya ngegiya elisha iMuvhango

Umdlalo kamabonakude obusathathe ikhefu, iMuvhango ubuya ngegiya elisha njengoba abakhiqizi bawo iWord of Mouth Productions sebememezele ukuthi kuzobonakala iziqephu zawo ezintsha maduze. I-SABC neMuvhango bagcine besayine isivumelwano ngenkontileka yokuqhuba u-season 26 walo mdlalo.

Njengamanje ithimba labalingisi nabasebenzi bamatasa baqopha iziqephu ezintsha zalo mdlalo ogxile kakhulu olimini lwesiVenda kanti ubuye uqhakambisa usikompilo lwalesi sizwe.

Ababukeli bazobona umdlalo ohluke kakhulu kunalo abesebejwayele ukuwubuka phambili njengoba sekwengezwe abalingisi abasha kanti ne-logo yohlelo izothi ukushintsha kancane nebika elisha elidlala makungena umdlalo lishintshiwe. Indaba exoxwayo emdlalweni ithe ukuhluka kunale egcine ixoxwa kulo odlule.

Omunye wabadlali abasha abazobonakala uLeleti Khumalo ozodlala indawo kadokotela.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.