Zisabisa ngokumisa yonke into izinhlangano zomphakathi eGoli
Ngu Sandile Khumalo
Seziphumele obala zasabisa ngokugcwala imigwaqo zimise yonke into izinhlangano zomphakathi uma engehli esikhundleni uMnu. Kabelo Gwamanda oyiMeya yaleli dolobha. Lezi zinhlangano ezizibiza nge Joburg Crisis Alliance zibambe isithangami sabezindaba ukudlulisa ukungenami kwazo ngoyimeya yaleli dolobha. Phakathi kwezinto ezikhala ngazo ukungaphathwa ngendlela kwaleli dolobha nezithi kuholela ekutheni abantu bagcine bengakwazi ukuthola izidongo.
Okubakhalisa kakhulu imali engama-R200.00 leli dolobha ebelihlongoza ukuthi ikhokhwe izakhamuzi zalo uma zithenga ugesi. Ukuhlongozwa kwalolu daba kususe omkhulu umsindo njengoba izakhamuzi zikhombise ukungakuthakaseli lokhu. Le mali bekulindeleke ukuthi ibanjwe uma izakhamuzi zaleli dolobha ezimataniswa nokucaphuna kusale zithenga ugesi.
Enye yezinkinga ekhalisa lenguyazana yezinhlangano esingabala kuyo i-Ahmed Kathrada Foundation, i-Organisation Undoing Tax Abuse, Defend our Democracy, Action-For-Accountability and the Johannesburg Inner-City Partnership, ziphinde zakhala kakhulu ngendlela iziphathimandla zalo mkhandlu ezisingethe ngayo udaba lokuhlinzekwa kwamanzi. Sekunesikhathi eside lo mkhandlu uhluleka ukuhlinzeka izakhamuzi zawo ngamanzi.
Ekhuluma nabezindaba, uNks Tessa Dooms omele inhlangano i-Rivonia Circle, ukubeke kwacaca ukuthi abaneme neze beyizakhamuzi ngomkhandlu waleli dolobha uwonkana. “Lokhu akukho mayelana noMeya uGwamanda siqu sakhe kodwa kumayelana nabo bonke abasemkhandlwini. Ngikholwa ukuthi bahlulekile ukwenza umsebenzi wabo nokuholele ekutheni sigcine singazitholi izinsiza.” Kuqhuba yena unkosazana Dooms.
Ukhale ngokuthi akufanele ukuthi balinde kuze kube khona olunye ukhetho ukuze bashintshe umkhandlu. Uphinde wenza isibonelo ngomphakathi waseMakhanda owasukuma wama ngezinyawo ukuchitha umkhandlu wawo obungawenzi umsebenzi. “Osopolitiki balalela kuphela uma abantu betoyitoya. Uma abantu bengakwenzi lokho osopolitiki nabo bazithela ngobandayo bangawenzi umsebenzi wabo. Kuphetha yena okaDooms.
Ube esenxenxa izakhamuzi zalo mkhandlu ukuba ziphume zigcwale imigwaqo zilwe nokungaphathwa kahle kwalo mkhandlu.